INGANE YOMLANJWANA ISIFAKA KUPHI ISIPHANDLA

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 24 кві 2021
  • Uma uzalelwe koMalume bakho waganwa wabe usuthola abantwana, uma ubenzela umsebenzi isiphandla ubafaka esandleni sokudla ngoba bona kukubo koMalume bakho

КОМЕНТАРІ • 57

  • @bonganisibisi6718
    @bonganisibisi6718 Рік тому

    Siyabonga mpunga yesintu

  • @phumlaninkabane9010
    @phumlaninkabane9010 2 роки тому

    Awu wayibeka kamnandi mfoka Mbhanjwa-Impunga Yesintu!! kwacaca kwathi bhaaaah👌

  • @tholakelendlovu2989
    @tholakelendlovu2989 3 роки тому +2

    Aw khehla lami...😂😂😂😂impuuuungaaaaa ay angikuqhathanisi namuntu mkhulu🤝🏽

  • @sbusisokhwela1965
    @sbusisokhwela1965 3 роки тому +1

    Excellent very good advice always the best kukona konke okwenzayo empilweni

  • @phumelelaphumelela5869
    @phumelelaphumelela5869 Рік тому

    Syabonga kakhulu mkhulu , inkulumo zakho ziyaphilisa

  • @dalisuzulu6140
    @dalisuzulu6140 3 роки тому +1

    Mina nje Mpunga ngicela ukuzibuzela ukuthi ubani le nsizwa ecula le ngama elidlala njalo uma kuphela imifanekiso eqoshiwe esicela kuyo ulwazi newusizo olukhulu ezimpilweni zethu.

  • @OkaMazibuko
    @OkaMazibuko 3 роки тому +1

    Syabonga ulwazi🙌

  • @edwardmanqele2120
    @edwardmanqele2120 3 роки тому +2

    Mpunga Yesintu ngicela ucacise ukuthi yena umakoti osuke egcagcele komalume usifake kephi yena isiphandla? Ngithi angibuze ngoba naye ungulanjwana njenganami. Ngiyabonga.

  • @sifisohlophe1478
    @sifisohlophe1478 2 роки тому

    Washaya khona Khehla Lam

  • @nanatenza3197
    @nanatenza3197 3 роки тому +1

    Syabonga Mpunga yesintu.Ngicela ukbuza ukuthi mina njengoba ngiyintombazane engashadile ezalelwe ekhaya nakuba umama ashada sangakhishwa naye komalume ngisfaka kuphi isphandla zona iingane zam zisfaka kusiphi isandla?Ikomalume vele alisekho akukho noyedwa osele kumanje ngenza kahle yini mangilivusa mina langashiwa khona umama ibe kwayena akwenzekanga kahle okwakhe ukugcagca kungenzeka ukuthi usabizwa kubo.

  • @makhosinomawa7885
    @makhosinomawa7885 3 роки тому +1

    I like how you put that.. It's disrespectful to be compared ngoba kuyakwehlisa lokho.

  • @mchunuzenzele8193
    @mchunuzenzele8193 3 роки тому

    Waze wwmaybeka kamnandi Mbanjwa🤝🏽

  • @vukanintombela57
    @vukanintombela57 2 роки тому

    Mkhulu engathi unkulunkulu engakwandisela uphile kahle uphile iskhath eside ngoba uyaselapha ungelaphile mina kule nkulumo nami ngizalelwe komalume

  • @solomzisiko626
    @solomzisiko626 3 роки тому

    Siyabonga impunga

  • @God_is_an_Atheist666
    @God_is_an_Atheist666 3 роки тому

    Uzothola ukuthi ubehlisa isithunzi ngoba ubaqhathanisa abiyingane kakhulu😂😂🤣🤣. Ayi uphethwe amakhehla ngempela awuzenzisi👌✊✊

  • @sibonisomthombeni6651
    @sibonisomthombeni6651 3 роки тому

    Sbonge Mpunga, uyaselapha isizwe. Azibuyele emasisweni kolunga

  • @sanelezwane2865
    @sanelezwane2865 3 роки тому

    IMpungaaa 🙌

  • @mlumthoko8100
    @mlumthoko8100 3 роки тому

    Ngolwazi mpunga yesintu siyabonga kakhulu kwande

  • @mzwakhethenjwayo3618
    @mzwakhethenjwayo3618 Рік тому +1

    Ngiyayihlaba eyokuganelwa komalume...mhla uganwa uvusa umuzi kayihlo,yingakho esigcawini kuyabikwa bese ukhululwa ukuthi sebenzisa isibongo sika yihlo ngoba Wena ngokuganwa kwakho kush' ukuthi amacala kayihlo usuwasulile.Uma izingane zakho komalume wakho kuzoba ekhaya kubo lokho wukulahlekisa isizukukwane sakho namakhehla oyihlo.

  • @mpendulotsotetsi7973
    @mpendulotsotetsi7973 3 роки тому

    Uma mkhulu njenganami nje wenze njani ngakhulela khobo gogo ngiwumfana ubaba azange enze amsiko enziwayo kanjalo nomama intombi engizalayo azange enzelwe amasiko enziyowa Naye ukhulele koma mama wakhe ongugogo kim uma ngishada ngizo vusamuphi umuzi ....???

  • @Sphiwe213
    @Sphiwe213 3 роки тому

    Yebo mpunga kunjalo impela🙏

  • @sbusisokhwela1965
    @sbusisokhwela1965 3 роки тому

    Mbanjwa Mlekeleli akwetha kahle amakhehla akwembethe usilekelela impela MfokaMbanjwa kuhle kwebizo lakho (Mlekeleli)

  • @matshabalalaeleki
    @matshabalalaeleki 3 роки тому

    🤝🏿

  • @mkhabolengayondodemyama5905
    @mkhabolengayondodemyama5905 3 роки тому

    Waze wangelapha mina njengomlanjwana ngnezingane ezngaphandlile ngeviki eledlule ekhaya komama bebengengfaka isphandla njengamanje sengmele iziqhamo

  • @thabansangweni314
    @thabansangweni314 3 роки тому

    Amen Mpunga yesintu, INgabe ingane yentombazane iyasifaka yini isiphandla esandleni sokudla kubo, noma isifaka emzini Lapho yendela khona?

    • @sizwevincentnxumalo1639
      @sizwevincentnxumalo1639 3 роки тому +1

      Iyasifaka uma kukushaya kubo ngokuphelel abazali begcagcile uma kungenjalo isifaka esandleni sokunxele

  • @KwaneleNgobese
    @KwaneleNgobese 3 роки тому +1

    komalume used my right hand; how do we explain that

  • @seipatticlericeofficial9112
    @seipatticlericeofficial9112 3 роки тому

    Zibe lezingane zibiza siphi isibongo,sakoMalume bam noma sikaBaba wam ongizala ngokweSende😕😕😞😞

  • @thobanimabaso2301
    @thobanimabaso2301 3 роки тому

    Ave ngfisa sengathi ungake ubuyele koladaba lokuvalwa komkhokha .

  • @thobanimabaso2301
    @thobanimabaso2301 3 роки тому

    Impuuuungaaaaa

  • @mandlenkosingcobo5688
    @mandlenkosingcobo5688 Рік тому

    Siyanga mkhulu ulwazi osipha lona lujule kakhulu ngicela ukubuzwa noma uzothenga incwadi kumele ubooke?

  • @sphumelelochamane3273
    @sphumelelochamane3273 2 роки тому

    Ngyezwa mpunga yesintu kuyacaca ngicela ukubuza Uma uzalelwe komalume njengoba ukhuluma umbuzo wami ukuthi nginalo yini ilungelo lokukhuluma emsamu komalume uma ngifaka isphandla izingane zami if kungekho muntu wakomalume owesilisa

  • @simangalisondlovu1628
    @simangalisondlovu1628 2 роки тому

    Uma kuyikomalume bakubo ka mah ekhaya kwagogo sifakwa keph isphandla

  • @thabisomlondo3630
    @thabisomlondo3630 3 роки тому

    Mpunga
    Ngisacela ukubuza ukuthi uma uzalwa umama owazalelwa ekhaya umama wasethola wena kuma kanjani lapho

  • @priscillauyinkuzibafongiya9966
    @priscillauyinkuzibafongiya9966 3 роки тому

    Waqamuka mpunga nenye indaba

  • @mlamulishabangu2081
    @mlamulishabangu2081 3 роки тому

    Uqedile MaPholoba

  • @snayenothando924
    @snayenothando924 3 роки тому

    Au!mkhulu syabonga ngolwazi,kodwa manje umkhulu uyayibhema yini le ayphethe?

  • @nhlakaniphontuli5966
    @nhlakaniphontuli5966 3 роки тому

    Ngyabonga Mpunga ngokuyicacisa lento.

  • @louisaugastine6512
    @louisaugastine6512 3 роки тому

    Kodwa kule episode ya Last week kugagasi fm benikhuluma ngaso lesihloko nino Zulu navumelana ukuthi lezingane zisifaka esandleni sokudla.

  • @bonginkosiinnocentmpanza3852
    @bonginkosiinnocentmpanza3852 3 роки тому

    Ijule kakhulu

  • @mbhekenimathebula7973
    @mbhekenimathebula7973 3 роки тому

    Wayibeka ibingidida ngiyizwa ngaphambilini

  • @nkosidlamini
    @nkosidlamini 2 роки тому

    Yazi idlozi lisebenza ngedlela eningi ngaya olwadle ngaphosa imali ekhanyayo ngathenga noswedi 4 ingane zaphuphuma ngabanebozo engibuzayo ngathibuya impedulo ngathola nge video enawampunga khona lanaku UA-cam ngathingiyabuyela kuyo esuku ngangasaboni kuzekube manje lutho

  • @bhekanixaba7534
    @bhekanixaba7534 3 роки тому

    Mpunga Yesintu ngazalelwa ekhaya komalume kodwa umama wayeshandile wakhishwa komalume kwase kushona ubaba Lona ayemganile wabuyela Kubo komalume,wase wathola mina kwesinye isibongo esebuyele Kubo manje ngifuna kubuza ukuthi mina ngi belong kuphi

    • @uzigiisibawusakwankosi8946
      @uzigiisibawusakwankosi8946 3 роки тому

      ungowakoMalume bafo,kuyothi lapho sebekhokhe zonke izimfanelo zakoMalume yima uzoba ngowuleso sibongo.

    • @nhlakaniphontuli5966
      @nhlakaniphontuli5966 3 роки тому +3

      Ingangilungisa impunga yesintu mangingashayi khona.
      Ngokubona kwami Nonkosi ngengikufundile esintwini ukuthi wena uyilongwe. Ngamanye amazwi ungowalapho kugane khona umama wakho. Njengoba ubeka nje ukuthi wakhishwa umama wakho komalume, kusho ukuthi akasekho ngaphansi womsamo wakubo (komalume). Wathola wena engaphansi komunye umsamo (lapho eganele khona). Kusho ukuthi wena ungowalapho eganele khona.
      Njengoba ngike ngasho ukuthi, uyongilungisa impunga yesintu yesintu mangingashayi khona.

    • @chief9462
      @chief9462 3 роки тому

      @@nhlakaniphontuli5966 nami ngazi kanjalo.

  • @thamimsweli2402
    @thamimsweli2402 3 роки тому +1

    Mpunga siyabonga ngolwazi, kuyangithokozisa ukubona ama-subscribers ekhula. Kodwa bengisacela unciphiphise isikhathi osichitha kuma-intro nezikhangiso. Ama-minutes amahlanu i-topic ingakaqali is too much. Sibonge mkhulu

  • @marvinstanders3449
    @marvinstanders3449 2 роки тому

    Mkhulu. Don't you do virtual bookings?

  • @vuselelanene3736
    @vuselelanene3736 3 роки тому

    CYABONGA LWAZI

  • @sazibana9400
    @sazibana9400 3 роки тому

    Khawutsho yihlo. Iring le isemnweni uhlangene nayo njani phi?

  • @mogalelegae8526
    @mogalelegae8526 3 роки тому

    Impunga

  • @vanithavanitha635
    @vanithavanitha635 3 роки тому

    Ngiyafisa Mkhulu ukufika kodwa ngisekudeni egoli