UKUBALULEKA KWEMBELEKO KUMUNTU

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 19 кві 2021
  • Ayikho into ebauleke ukudlula imbeleko kumuntu ophilayo iwukhiye

КОМЕНТАРІ • 58

  • @thandekambuyazi1366
    @thandekambuyazi1366 3 роки тому +12

    Inamandla, kunjalo impela uma abazali benganawo amandla uyapha bawathenge ukuze izinto zigcineke. Imbeleko ngiyenzelwe 12 Dec 2018 kwathi 25 Jan 2019 ngawuthola umsebenzi, after iminyaka kuvalekile n amaThongo engipha amaBursary Kodwa avala nciiiiii umsebenzi. Ngithe sewutholile msebenzi ngibe sengipha uMa imali ukuze angenzele umhlonyane. Ngibonga nje ukuhlakanipha engikuphiwe abadala ngifunde impela kodwa ngeke uze utshele ukuthi angizikhohlwe ukuthi nginguba futhi ngivelaphi. Asoze ngagudluka ezimpande zakithi. Isintu asoze sajika futhi noma singawaphika amaThongo namaDlozi ethu kodwa akhona futhi ayaphila nezimpilo zethu zincike kuwo. Ngisho ukhuluma nami ngoNkulunkulu engathi ungafaka amaThongo phakathi ngoba kungenjalo ngivele ngivaleke izindlebe ngayizwa inkulumo yakho. Sikhonza uNkulunkulu obambisene namaThongo. Siyabonga Mpunga yesintu ngomlayezo omuhle.

  • @snayenothando924
    @snayenothando924 3 роки тому +6

    Mpunga!ngufakazi waleshloko enikhuluma ngaso,ukwenzela ingane izinto ezi njenge sphandla kubalulekile kuyivulela izinhlanhla zayo eziningi ngikbonile ngakwenza kuhle konke

  • @carolmsimang6224
    @carolmsimang6224 5 місяців тому

    Sykhuleka emakhosini. Ngingayenzela yini ingane Yami engakaze yenzelwe imbeleko. Mina mzali wayo angizange ngenzelwe, NAMI ngiyingane yokuqala. Ingane isikhulule

  • @nhlakakhumalo9992
    @nhlakakhumalo9992 2 роки тому

    mmm kunjalo impela

  • @sibonelosiphelele2355
    @sibonelosiphelele2355 3 роки тому +1

    Syabonga.. Mkhulu ake ngibuze la kukhona abathi imbeleko yenzelwa ingane yokuqala ezinye bese zingenzelwa kuyi cela ke ungicacisele lapho

    • @khanyisanimngadi8955
      @khanyisanimngadi8955 Рік тому

      Mabegcagcile abazali kodwa uma bengagcagcile ingane ziyabikwa zonke

  • @mpilonhlekhanyile7694
    @mpilonhlekhanyile7694 3 роки тому

    Impuuuuuungaaaaaaaa😊👏

  • @malixolemdutyana7733
    @malixolemdutyana7733 3 роки тому

    Mpunga🙌♥️🇿🇦

  • @nquturoyaltombstones5176
    @nquturoyaltombstones5176 Рік тому

    Unjani mtanekhehla ngicela ukubuza isintu angisazi ngenxa yokuthi ngashonelwa ngabazali ngimncane manje ngithintwa ilendaba yembeleko nami ngifisa ukwenzela abantwana bami babili ngicela ukubuza ukuthi kumele ngithenge izimbuzi ezimbili na ngyabonga usazophendula.

  • @mchunuzenzele8193
    @mchunuzenzele8193 3 роки тому

    Sadla thina singasaqali dankie Mpunga🤝🏽

  • @siphekhoza8115
    @siphekhoza8115 3 роки тому +2

    inkinga ngisamelwe ukuthi ngihlawulwe ngoba ekhaya kwenziwa imbeleko ngingahlawuliwe kwasusa umbango phakathi kwabantu abadala izinto zami azilungi

    • @chief9462
      @chief9462 3 роки тому

      Aibo! Sphe! Nami ngiwu Khoza 😃😅 Ndoda benza kanjalo nakithi kwa Luthuli bathi ngenzelwe iMbeleko kodwa dololo ukuhlawulwa.

  • @siyabongantshalintshali1534
    @siyabongantshalintshali1534 3 роки тому +2

    Ay iyezwakala lendaba nami ngiwumuntu ongabikwanga ethongweni kodwa uma ma nobaba abashadanga kodwa sakhulela kobaba nomama naye ebehlala nobaba baze bashona singenzelwanga imbeleko komalume futhi nakhona komalume sebashona bonke nomuzi wakhona komalume sewawa waphela kwasala amanxiwa so manje ke inkinga yam ukuthi kumele ngiyovusa ikhaya lakomalume bese ngiyakwazi ukuyokwenza imbeleko. Manje umbuzo enginawo ngaphambi kokuthi ngiyenze imbeleko ngabe kumele ngiqale ngibike umuzi bese ngibangenisa ekhaya noma kumele ngivele ngenze imbeleko kuphela?

  • @ntombenkosipama2365
    @ntombenkosipama2365 2 роки тому +1

    Xa utata engazange enzelwe mbeleko unalo na yhini ilingelo lodla kulena yam

  • @banelemakhanya1049
    @banelemakhanya1049 3 роки тому

    Amen 🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌🙌

  • @mkhabolengayondodemyama5905
    @mkhabolengayondodemyama5905 3 роки тому +1

    Mina ngiqeda kyenzelwa umalume imbeleko ngb ngakhuliswa khona inkinga umalume uphuza ngalendlela exakile uvelathandaze empepheni acelinhlanhla sakthetha ngigcine ngdideka ukuthi kmele ngenzenjani ngb utshwala buyamehlula kmanje angathi angzange ngenzalutho ngyafikweletu nempilo imile streit akyeki phambili ngicela impendulo baba sengzolalela emsakazweni

  • @nobuhlediya5730
    @nobuhlediya5730 3 роки тому

    Mina baba anginaye umalume ,akusekho muntu khaya ngingayenza kanjani imbeleko ,ezinganeni,ngoba nami zange ngiyenzelwe

  • @NyuswaMapholoba
    @NyuswaMapholoba 2 роки тому

    Izinto zami azihlangani imbeleko angikaze ngenzelwe
    I just finished re-writing my matric .i just got the results today. and still i got the same results 28% on english .noma ngiyaz i never failed before koda on my final exam last year things went south .
    And i tried again this year angisazi ngenzen ngoba ubaba i once talked to him about imbeleko
    Waze washada engakaze angenzele

  • @Nokss87
    @Nokss87 2 роки тому

    Saze sahlupheka ezweni...

  • @siyabongablack9344
    @siyabongablack9344 3 роки тому +4

    Nami ngiwufakazi ngathola umsebenzi eminyakeni edlule ngosuku engenza ngalo interview ebusuku ngatshelwa ebuthongweni ukuthi angithenge imbuzi yembeleko ngisho nobulili bayo nangempela ngenze njalo zaqhubeka zakhanya izinto zami. Imbeleko ingukhiye kanti futhi usuke uphakamisa amandla alesidalwa esikuphethe.

    • @nonkululekosibeko3646
      @nonkululekosibeko3646 3 роки тому

      Mina ngina 30 and angenzelwanga imbeleko. Is too late ukuthi ngenzelwe manje?

    • @siyabongablack9344
      @siyabongablack9344 3 роки тому +1

      @@nonkululekosibeko3646 it's never too late

    • @nonkululekosibeko3646
      @nonkululekosibeko3646 3 роки тому +1

      @@siyabongablack9344 ngiyabonga

    • @bonganiqomazitha1159
      @bonganiqomazitha1159 2 роки тому +1

      Into eyinkinga ngembeleko into ekudinga wenzelwe yona hhayi uyenze wena. Uma amandla bengenawo amandla bathenge imali abayithole kuwe. Mina ngazithengela kwangalunga.

  • @MLUDATAINMENT
    @MLUDATAINMENT 3 роки тому +1

    Asiklezeni ko Gwansile

  • @thabilesibanda7295
    @thabilesibanda7295 2 роки тому

    Sanibonani mpunga bengicela ukubuza uma washiywa uyise wengane wena mama ungakhona yini ukumenzela umntwana njengoba sihlala e Goli

  • @sambulomngadi9595
    @sambulomngadi9595 3 роки тому

    👌👌👌👌✌

  • @namandlamafuleka4029
    @namandlamafuleka4029 2 роки тому

    Waslapha mpunga yesintu

  • @victoriamthembu186
    @victoriamthembu186 3 роки тому

    Sayaboga mkhulu ukungjcazela nami nginaleyo nkinga manje nami nginengane

  • @Bushdoctorism
    @Bushdoctorism 3 роки тому

    Impuuuuuuuunga!

  • @simphiweaustinmkhize3095
    @simphiweaustinmkhize3095 3 роки тому

    Mina iyiphi indlela engenza ngayo ngoba izinto zosiko ekhaya abazivumi kodwa ngyafisa nami ukuba nesi sekelo ngenzelwe imbeleko ukuthi kanjani angazi

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 3 роки тому

      Gcwabe kayhlandlo abo Mkhize bonke bawumuntu oyedwa badabuka kukhokho uyedwa,ngamafushane ngithi thola uMkhize owenzayo amasiko bese unamathela kuye wenze izinto zakho

  • @sbusisokhwela1965
    @sbusisokhwela1965 3 роки тому

    Kwamnandi ekhaya niphile madoda amakhulu

  • @nomusaphungula1820
    @nomusaphungula1820 3 роки тому

    Baba ngicela ukubuza untwana ongasekho owashona uyenzelwa yini imbeleko ngicela impendulo

  • @Nokss87
    @Nokss87 2 роки тому

    Manje njengoba sinabazali abafundile abangafuni ukwenza lutho, kodwa bona benzelwa emakubo. Ibuhlungu kabi lento futhi mina iyangicasula...

  • @silverfoxngwane7789
    @silverfoxngwane7789 3 роки тому

    Ngibingelele Mpungayesintu bengicela ukubuza ukuthi umuntu imbeleko uyenzelwa ekhaya kubo(kubo kababa ) noma komalume, njengoba senichazile ukuthi ubikwa ngayo kwabadala.

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 3 роки тому

      Ngibingelele Ngwane,ngingeyona impunga kodwa ngibona sekuphele iviki ungayitholile impendulo kulombuzo obalulekile kangaka...imbeleko eskhathini esiningi yenzelwa ekhabo malume ne Mpunga ikuchazile lokho.Ngisho egcagcile umama uyayenza khabo mama imbeleko.

  • @leratoroselinemofokeng14
    @leratoroselinemofokeng14 2 роки тому

    Sawbona Mkhulu,Uma ufuna ukuyenza imbeleko,kodwa Uma ungu msuthu and Kini nisebenziza imvu, kulungile Na?

  • @vuselelanene3736
    @vuselelanene3736 3 роки тому

    CELA KUBUZA YENZELWA YN OSEWASHONA MBELEKO

  • @syandakhoza1723
    @syandakhoza1723 3 роки тому

    Mpunga, bengcela ukubuza uma uzalelwe komalume wakhula wazi lesosbongo ubaba awumazi ngabe yiphutha yin uma umunt okuleso simo ethola ingane ayenzel konke ibuye ngakuye
    Bese eyenzela ibheleko la komalume bakhe
    Ngabe iphutha yin?

  • @simphiwemkhize6829
    @simphiwemkhize6829 3 роки тому +2

    Asibingelele, ngicela ukubuza ukuthi ukuphandlwa nokubikwa into eyodwa yini?

    • @chief9462
      @chief9462 3 роки тому

      Mina ngazi ukuthi iNgane ibongwa ekhaya kubo but laphayana ko Malume iNgane yenzelwa imbeleko. Ngicela iMpunga isichazele kahle.

    • @mzwakhethenjwayo3618
      @mzwakhethenjwayo3618 3 роки тому

      @@chief9462 Hlase uqedile ungethole

  • @zandileshabangu6164
    @zandileshabangu6164 2 роки тому

    Impunga
    Ngiyabingelela ekhaya lokuphilo
    Mina ngicela ukubuza uma niyimilanjwana ezalwa omama abehlukene niyafakwa yini nonke esibongweni ngezimbuzi ezimbili?
    Ngiyace ukwazi ngoba omama basohlelweni lokusenzela kanjalo maduze nje

  • @KKN11659
    @KKN11659 3 роки тому

    Umfowenu omdala owashona ngokuphuphuma kwesisu angakuhlupha yini wena mfana ophilayo?

  • @khulekanisizwe4802
    @khulekanisizwe4802 3 роки тому +1

    Mpunga uma ngathola ingane entombazaneni imbeleko ngiyenzele kithi noma yenzelwe komalume bayo?

    • @siyabongablack9344
      @siyabongablack9344 3 роки тому +3

      Kumele yenzelwe komalume ngoba wena wayithola ningagcagcile

  • @DingiNqaba
    @DingiNqaba 3 роки тому

    andisayibaweli nje lengoma ikhala xa kuphela eziVideo

  • @sbusisokhwela1965
    @sbusisokhwela1965 3 роки тому

    Impunga

  • @chief9462
    @chief9462 3 роки тому

    UMa uyenzela iMbeleko but isiphandla engasifaki esandleni, kuyaba nomthelela omubi ?

  • @vusimndeni1976
    @vusimndeni1976 3 роки тому

    Ngibingelela kini boBaba abasipha isinkwa esiphilisayo ngaphakathi nangaphandle nina baphathi bo hlelo, bengithanda ukubuza ukuthi imbeleko ungayenza Khabo Baba uMa ungahlawuliwe noma kumele uyenzela khabo ninalume?

    • @siyabongablack9344
      @siyabongablack9344 3 роки тому +1

      Cha angeke ngabe wenze iphutha elikhulu. Kumele wenzelwe ekhaya kaMama komalume

    • @vusimndeni1976
      @vusimndeni1976 3 роки тому +1

      Ngiyabonga kakhulu Baba🙏

    • @vusimndeni1976
      @vusimndeni1976 3 роки тому

      Ngiphinde ngibuze nokuthii ngithenga imbuzi yobulili buni?

    • @siyabongablack9344
      @siyabongablack9344 3 роки тому +1

      @@vusimndeni1976 umfana Kuba eyesilisa intombazane nembuzi makube yesifazane all the best 👏🏾

    • @vusimndeni1976
      @vusimndeni1976 3 роки тому +1

      Umuthi awubongwa🙏Kwande Mtomdala