Open letter: Abefundisi nemali

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 22 кві 2024
  • Ukhozi FM TV lwaluvakashela uhlelo #UbusukuObuhle olushayelwa uSiya Mhlongo. Uhlelo Ubusuku Obuhle njalo ngoMsombuluko kunengosi ye-OpenLetter lapho abalaleli bevuleleke ukuthi bebhale nganoma yini abafisa ukubhala ngayp. I-open letter besiyibhalelwe uMfundisi uLungisani Simelane eyayikhuluma ngokunakekeleka kwabafundisi uma bemenyiwe emicimbini nasemingcwabeni.
    "#DearMsakazi…
    Open Letter ebhalwe uMfundisi Lungisani Simelane
    “Uma unguMfundisi uthatheka kalula kwezinye izikhathi endabeni ethinta imali ugcine ungakhokheleki ngendlela efanele nekulungele. Endabeni yokushadisa uke ucelwe abakwaziyo nabangakwazi ukuba uzobashadisa bese ucela umnikelo ozobhekana nezindleko zika-Petrol nokufika ekhaya uphethe noma isinkwa kodwa uma usucela imali bakhale abashadikazi ubazwele njengomholi nomzali ngenhloso yokweseka into enhle yomshado kodwa abantu benkosi bangabenzi ubulungiswa.
    Isibonelo nje, bayakwazi ukukunika u R500 uwuMfundisi kodwa abanye njengo DJ bamnike R10 000, manje umbuzo uthi, yini ebalulekile phakathi kwe ncwadi yomshado nenjabulo yemizwana afika nayo DJ. Okwesibili, bakucela ube ozokhuluma emncimbini njengo Mfundisi bafune ukukunika R1000. Kuwo umcimbi ofanayo bathenge utshwala buka R20 000 Baphinde bakhokhele umculi R40 000 ozocula isikhashana ahambe.
    Ake sibheke indlela esiphatha ngayo abefundisi siyimiphakathi. I-Nceku iyathula ngoba isaba kuzothiwa ithanda imali, okunye uMama wekhaya uMam Mfundisi ulimele, uMfundisi uhlezi ematasa engahlali naye nabantwana ngoba ebizwe ngapha nangapha. Imoto idinga i-service, amathaya ngapha nokunye.
    Sizani, phathani kahle abaholi.” -Mfundisi Lungisani Simelane
    Thokozela lesi siqephu, ungakhohlwa ukuciphiza uLike noSubscribe ukuze ungaphuthelwa iziqephu ezilandelayo
    #UkhoziFMTV #UbusukuObuhle #OpenLetter #LungisaniSimelane #UkhoziFM
  • Розваги

КОМЕНТАРІ • 6

  • @sporthourtv4240
    @sporthourtv4240 2 місяці тому

    Yeyyi ikhona indaba yabefundisi nemali

  • @scelowonkewonkembonane970
    @scelowonkewonkembonane970 2 місяці тому

    Ngaze ngathinteka 😊

  • @EdithHadebe-fp1jh
    @EdithHadebe-fp1jh 2 місяці тому

    Mina ngiyacela bangaba bizi kakhulu abashadayo ngoba abantu sebezohluleka ukushada ngenxa yokuthi imali ayikho, kodwake emabandleni abanikelelwe abefundisi ngokwentando yelungu nelungu bangakaleli amalunga ukuthi isamba semali yilesi,angahlali emalini futhi uma eshumayela, kodwake iqiniso kumele sinikele singamalungu ebandla simcabangele umfundisi

  • @EdithHadebe-fp1jh
    @EdithHadebe-fp1jh 2 місяці тому

    Abefundisi banomndeni abawondlayo kumele banikelelwe,kodwa angisho ukuthi bese beshumayela imali,Funda uHezekeli 44:28-31.kumele bacatshangelwe

  • @ndumisodladla3958
    @ndumisodladla3958 2 місяці тому

    abafune imisebenzi abefundisi basebenze bazohola , kusontwa ngesonto vele not monday to friday

    • @EdithHadebe-fp1jh
      @EdithHadebe-fp1jh 2 місяці тому

      Umsebenzi yikho lokhu akwenzayo,phakathi neviki uhambela abagulayo,abashonelwe njll