Amaphupho S1 Ep30 | Ukuphupha uSaziwayo | Ukuphupha Inyama Ukuphupha uMbani | Pasta WeNingi

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 2 лют 2025

КОМЕНТАРІ •

  • @yvonnenkszne-bx1fw
    @yvonnenkszne-bx1fw Рік тому +3

    Amen 🙏 khehla ngyabusiseka kulokho okchazile, ngcela unkulunkulu akubusise kufezeke izifiso ezinhle ngempilo yakho ✨🙏🤗

  • @BrianLuthuli-ou4kt
    @BrianLuthuli-ou4kt Рік тому

    Impela uphiwe Pastor uNkulunkulu aze akugcine syabonga nomusa wakho.

  • @mosesdlamini2165
    @mosesdlamini2165 2 роки тому +3

    Ukuphupha sihlabela Ichoir
    Esontweni sibanengi

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому +1

      *Uma uphupha ucula esontweni;* wuphawu oluhle olusho ukuthi uNkulunkulu ufuna ukukusebenzisa kakhulu kulowo kulowo mkhakha nokuthi ube wusizo ebandleni futhi uzothuthukisa empilweni.
      *Uma ungumculi uphupha ucula esontweni;* wuphawu oluhle olusho ukuthi uzokwazi ukufeza izinhloso zakho uphinde uphumelele ngephimbo lakho.
      *Uma uphupha uthandaza esontweni;* wuphawu oluhle kakhulu olusho ukuthi unobizo lukamoya futhi luzothuthukisa impilo nezinga lakho lokholo uma kungukuthi umatasa nokuzikhulisa ngokomoya.
      *Uma uphupha uthandaza esontweni;* wuphawu olungabuye lubike ukuthi uzophumelela, uzonqoba, ufakaze, uphinde uphulukise ngomkhuleko.

  • @siphethobuthelezi4131
    @siphethobuthelezi4131 2 роки тому +1

    Syabonga!

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      You're welcome,
      Stay blessed, always.

  • @madlalanhlanhlo645
    @madlalanhlanhlo645 3 роки тому +3

    Syabonga kakhulu ngolwazi osibusisa ngalo...uJehova cela akwandisele🙏

  • @gugurose3508
    @gugurose3508 Рік тому

    Amen khehla ngicela kubuza kucazani kuphupha unoxaka

  • @bonginkosimtsweni8276
    @bonginkosimtsweni8276 2 роки тому

    Ngiphuphe umfowethu omdala elahla isikhiya somuzi okuthunjwa kugqilazwe abantu besilisa, kanti nami ngisiphethe ngasilahla. Kulowomuzi bekunendodana yami ngilwa nalowo othumbayo ngamqoba, yilapho ngibone khona umfowethu elahla isikhiya nami ngasilahla. Umfowethu wabaleka nendodana yami ngahlangana naye komalume kababa ngambuza ukuthi iphi indodana yami wathi ikhabonina kodwa ingcolile ngathi kukahle igeza khona.
    Manje ngicela incazelo yaleliphupho Pastor.

  • @anelesthandiledlamini8919
    @anelesthandiledlamini8919 Рік тому +1

    Mina uma engagibusisa nje yey nkosyam 😢❤

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Рік тому

      UNkulunkulu uzokwenzela okuhle,
      Qina okholweni lwakho kuphela.

  • @thembothembokuhle3977
    @thembothembokuhle3977 2 роки тому +1

    Amen mkhulu bengicela ukubuza kusho ukuthini ukuphupha uvunule imvunulo yesizulu ugiya

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      *Uma uphupha ugqoke imvunulo;* wuphawu olusho ukuzigqaja ngobuwena nangemvelaphi yakho nesidingo sokukhumbula imuva lakho.
      Uma uphupha ugqoke imvunulo;* wuphawu olungabika ukubasezingeni elicokeme lokuqaphela, ukukhanyiseleka, ukuvuleka ngokomqondo nokuzazi.
      *Uma uphupha ugida;* wuphawu olukhombisa intokozo nenjabulo ezayo, ukukhululeka kanye nokugculiseka ngesimo sempilo yakho.

  • @noziphobiyela3680
    @noziphobiyela3680 2 роки тому +1

    Syabonga Paster .Bengsacel ukbuza ukuphupha ukhuluma nogogo ongamazi ethi " Mnanami selokhu ngaba lapha akekho ongshingi shishizelayo " ekhuluma njengomunt ososizin

  • @saffair1
    @saffair1 4 роки тому +2

    Awu we pastor bekungathi ukhuluma nami uqobo amaphupho wosaziwayo nempuphu sewangibuyele kaningi . Amen siyabonga kakhulu ngolwazi

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      Amen.
      Kusho ukuthi unesimo senhlanhla noma uzoba nenhlanhla esikhathi esizayo.
      sikufisela okuhle kodwa
      Inkos'ithel'umusa

  • @busisiwemsibi1588
    @busisiwemsibi1588 2 роки тому +2

    Thank u ngijwayele ukuphupha famouse Americans always talking as friends with

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому +1

      Great, Expect positive changes or development empilweni yakho.
      Stay blessed

  • @neekeyndabe1477
    @neekeyndabe1477 3 роки тому +2

    Syabonga Patsor.. Chaza khon mpela ngesngam Amen

  • @derickbhekisisa2961
    @derickbhekisisa2961 2 роки тому

    Amen mfundisi Uma uphupha kushoniwe kodwa kumbiwa endlini ngabe kuchazani lokho?

  • @daisymadoda7355
    @daisymadoda7355 4 роки тому +1

    Sawubona mfundisi , Siyabonga ngazincazelo zakho ziyasisiza Kakhulu. Ngihlushwa iphupho la mina nomama no bhuti wami sehleli emjondolo uphahla livulekile noma uphahla luyawa.ngabe kusho ukuthini lokho

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA USENDLINI ENGENALO UPHAHLA
      (a) Uma uphupha usendlini engenaphahla wuphawu olubi oluvame ukuxwayisa ngezilingo noma izinkinga ezizayo.
      (b) Uma uphupha ubona indlu engenaphahla, lolu wuphawu lwengozi enkulu okungenzeka ubhekane nayo kungekudala.
      Leli phupho kungasho ukungabi nokuvikeleka nokuba sengcupheni noma engozini enkulu.
      (4) UKUPHUPHA KUWA UPHAHLA LWENDLU
      (a) Uma uphupha ubona uphahla lwendlu luwa noma lubhidlika wuphawu olubikusho ibhadi noma usizi ongase uhlangabezane nalo.
      Pray - The Goodness and Mercy shall follow you
      INKOSI ithel'umusa

  • @catoridge1011
    @catoridge1011 3 роки тому +1

    Syabong Pastor. Ngikhathazwa iphupho ngphuphe ngilele sgodlweni sika mama engath angigqokile. Emsamo bekunomgibe lapho kubekwe izembatho ngengxa yokuth besekuba mnyama ngibe sengivuka ngyofun khandlel kuze ngikhanyise ngthe uma ngphuma ngahlangana naye umama wangibuza ukuth ngike ngaganga yin ngisemncane ngethuk ngase ngyavum was ethi naye bashonjalo abadala waphinde wathi kuzomele ngyothwasel gobongo ngase ngvele ngyakhala ngphapham lapho... Liyangikhathaza kakhul

  • @nqobilengubane8202
    @nqobilengubane8202 2 роки тому +1

    Sawubona, ngicela ukubuza kuchaza Ukuthini ukuphupha engath ushade no saziwayo.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому +1

      *Uma uphupha ushade nosaziwayo;* wuphawu oluhle olusho ukuthi uzothola izindaba ezimnandi, uzonethezeka, uthola injabulo, noma kukhona okuhle okuzokwenzeka empilweni.

  • @thula14
    @thula14 2 роки тому +1

    Ngiyabinga Pastor ndicela ubuza umaphupha ubukele i horse race kusho ukuthini. Horse like kwi durban july

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      please check the Video on the link
      about umjaho
      ua-cam.com/video/OXtWOXXph0/v-deo.html
      Stay blessed

  • @tawanamalapane5286
    @tawanamalapane5286 3 роки тому +13

    What a wonderful gift you have! U r also passionate..siyabonga Baba

    • @awodwandaba548
      @awodwandaba548 2 роки тому +2

      Sawbona pastor weningi ngicela ukubuza ngabe kuchazani ukuphupha uphuza itiye?

    • @ntombodumosogoni118
      @ntombodumosogoni118 Рік тому +1

      Sawubona pastor celubuza kusho ukthini ukuphupha unikeza abantu isinkwa nenyama yenkukhu

  • @sandilesiyakhula6548
    @sandilesiyakhula6548 4 роки тому +1

    Amen kuchazani ukuphupha amarasta

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      (1) UKUPHUPHA AMARASTA
      (a) Uma uphupha i-rasta, kwuphawu olusho ukuthi kufanele uhlale uqotho, unesimilo, uthembekile futhi ungavumeli abanye bakudukise ekulandeleni indlela yokuphila eyiyo.
      (b) Uma uphupha ubona i-rasta kungaba wuphawu olusho ukunethezeka, uthando, inhlonipho nokuthula.
      INKOSI ithel'umusa

    • @sandilesiyakhula6548
      @sandilesiyakhula6548 4 роки тому

      @@NufliqOnline ngyabonga khulu

  • @begdziledlamini5857
    @begdziledlamini5857 2 роки тому

    Kushon kuphupha ugeza indlovu uyigeza usemfulen logelentako inkulalela

  • @thembimncube4065
    @thembimncube4065 4 роки тому +3

    Siyabonga

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      Kubonga thina
      Inkosi ithel'umusa Thembi.

  • @lindiwejele8508
    @lindiwejele8508 3 роки тому +1

    Sanbona.syabonga ngezincazelo, ngcela ukwazi ukuphupha uvalelekile kodwa kulendawo kunezimbhobo ezifaka ukukhanya

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому +1

      1. UKUPHUPHA UVALELWE ENDAWENI ETHILE
      a. Uma uphupha uvalelwe endaweni emnyama; wuphawu olusho ukuphonswa ngemibi evala ubunhlanhla noma eletha ubumnyama nobunzima empilweni yakho kepha uma kungena umoya kusho ukuthi uzokwazi ukuphila esimweni obhekene naso.

  • @sybilmakhene1873
    @sybilmakhene1873 4 роки тому +3

    Ngiyabonga kakhulu Pastor I highly appreciate ukuzipha isikhathi sakho to reply to our comments and questions, uNkulunkulu akwenze kahle

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      Thanks Makhene
      May God bless you too

  • @nontobekontobe8075
    @nontobekontobe8075 3 роки тому

    Sawubona baba
    Ngicela ukubuza kuchaza ukuthini ukuphupha amatshwele enkukhu.
    Ukuphupha izwi likubuza ukuthi umsaphi lomuntu ekhaya ngoba uyakufebela.
    Ukuphupha ucela izimpahla zengane encane kamakhelwane koda engakuniki ngoba naye ubesenengane encane
    Ngyabonga.

  • @nokuphilamchunu7944
    @nokuphilamchunu7944 4 роки тому +2

    Syabonga izincazelo ngijwayele ukuphupha ngishutha😥😥😭😭

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +2

      Kukabili kungenzeka ukuthi kunabantu abakugadlayo/abazama ukukuthebula.
      noma ungumuntu othanda ukuthi uqophe umlando uma wenza izinto/ufuna ukushiya umaka uma kukhona okwenzayo/noma ufuna amagalelo akho aziwe.
      Okuhle nomusa engathi kungakulandela
      Inkosi ikubusise

  • @sybilmakhene1873
    @sybilmakhene1873 4 роки тому +1

    Siyabonga Pastor uchaza kahle impela, ngicela ukubuza ukuthi kusho ukuthini uma uphupha izimbali ezibomvu a lot of bunch yawo and one of them iboshelwe enyeweni lakho? ngiyabonga

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      Uma uphupha ubona izimbali kusho injabulo ekusaseni futhi kungasho ukuthi uzojabula kwezothando

  • @NanaMazwide
    @NanaMazwide 3 роки тому +1

    Ngidlezi ngiphupha abantu abadumile njalo nje

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому

      *Uma uphupha usaziwayo noma abaculi;* wuphawu oluhle futhi uluvame ukusho ukuthi uzoba nenhlanhla yokwenza imali futhi udume enkampanini yakho, noma endaweni yangakini noma okwenzayo kungase kukulethele udumo nokuhlonishwa noma kunantu ababukela kuwe empilweni.
      *Uma uphupha usaziwayo noma abaculi;* wuphawu olungasho futhi ukuthi uzothuthukisa ubudlelwano bakho nabantu, ujwayelane nalabo obungajwayele ukukhuluma nabo uphinde uzakhele abangani abahle futhi abaqotho.

  • @ningikweyama4328
    @ningikweyama4328 2 роки тому

    Ukuphupha inkomo izala koda inkonyane igulakuthiwa khona into eyidlile ubaba nobhuti wami bayisiza yaze yaphila

  • @igqhirhalomculo5458
    @igqhirhalomculo5458 4 роки тому +1

    Njalo ngphupha ngcula noSjava estage. I've had 3 different dreams thus far. Ngyacula nami kodwa angdumile.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +4

      (1) UKUPHUPHA UMUNTU ODUMILE
      (a) Uma uphupha umuntu odumile, usaziwayo, umuntu oqavile kube sengathi bekungumuntu owazana naye kuvamile - kungakhomba ukuthi lowo muntu ubukela kuye. kusho ukuthi uyisibonelo esihle.
      uma uphupha ungumngane womuntu odumile, umuntu oqavile, usaziwayo kuthathwa njengophawu oluhle emphakathini.
      uma uphupha uhleli nomuntu odumile, oqavile, usaziwayo kubalwa umuntu oMongameli, umculi, umlingisi, Inkosi njll - wuphawu olukhomba uzoba umuntu odumile owusosaziwayo ngelinye ilanga.
      uma uphupha uses'teji nomculi odumile, ongundabuzekwayo kusho ukuthi uyazethemba, awuzenyezi futhi uyakholelwa ekutheni umculo wakho usezingeni elifanele futhi it predits your bright future in the industry.
      SUMMARY
      I DID listen to your music unamandla, uclean, u-unique, umnandi, kusho khona ukuthi sooner or later u'll be the talk of the town. keep pushing my brother.
      all the best

    • @igqhirhalomculo5458
      @igqhirhalomculo5458 4 роки тому +2

      @@NufliqOnline ngiyabonga kakhulu ngempendulo ngphinde ngbonga ngamagama wakho bhuti ayangkhuthaza.

  • @busisiwemsibi1588
    @busisiwemsibi1588 2 роки тому

    Inkinga enginayo ngkuphupha ukuphupha into ezokwenzeka njengokuhamba shona komunye womndeni .Kwesinye isikhathi ngathi angiphuphi umuntu uzongitshela into Avele afike azoyisho

  • @titimavuso3722
    @titimavuso3722 3 роки тому

    Amen mkhulu namuhla ngibone ngikomalume kamama sihleli khona mina ngenza ukudla ngidle bengithi mangiqeda ngiphinde ngenze okunye ukudla ngidle kuze kwasa ngenza ukudla ngidle kuthe emva ka4 ngazibona ngisuka ngithi ngiyokwenza ukudla bekunomunye ubht obekhona nje endlin bengiphaza amaqanda ngiwathosa wangibuza ukt namanje ngisenza ukudla yini ngath yebo wathi namanje angikasuthi yini Ngat cha

  • @vanithavanitha635
    @vanithavanitha635 4 роки тому +2

    Amen pastor

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      Hey Vanitha ngane yakwethu
      kuyintokozo ukukubona
      iNkosi ikulonde, ikulelwe, ikubusiswe, ikuvikele ukuze ubone amandla ayo,
      uphinde ube nobufakazi bokuthi ikhona iyalela iphinde iphendule umkhuleko
      Be Blessed

  • @fanelepepegodide276
    @fanelepepegodide276 4 роки тому +1

    Aman pastor ukuphupha uhamba ngemonto unabantu kuvele kuwe um gum tree omude phez kwe moto labantu balimale bophe igazi BT ngiloku ngizamile kubasiza

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      (1) UKUPHUPHA IMOTO IGOTSHWA ISIHLAHLA
      (a) Uma uphupha uhaba ngemoto ihlangabezane nengozi kungaba wuphawu lokuthi kungenzeka uzohlangabezan nesimo esizokudumaza noma sikushiye udangele kungekudala
      Be blessed

  • @christinangoma1938
    @christinangoma1938 2 роки тому

    Uma uphupha undiza uphethe inyama nomtwana makumele ngehle ngibona abantu abaningi sengibona umalume sewashona ephakamisa isandla efake ubuhlalo obumhlophe nobubomvu ngicela incazelo

  • @nompilohnompiloh8273
    @nompilohnompiloh8273 2 роки тому

    Mina ngiphuphe saziwayo odumekakahulu enginika sipho ebesingeenvelop brown nokumhlophe mbala.kuchazan

  • @pheli8209
    @pheli8209 3 роки тому

    Ngiphuphe usaziwayo engiphuca into yami ethi okwakhe ngamtshengisa ubufakazi ukuthi okwami. Benginalokho okokuthi uhlezi engintsontsela losaziwayo

  • @siphelelendlebe6339
    @siphelelendlebe6339 4 роки тому +1

    Ukuphupha abantu abenza ucansi.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA UCANSI
      (a) Uma uphupha ubona abantu benze ucansi kungaba wuphawu lomcabango onawo ngocansi noma ufisa ukulwenza ikakhulukazi uma kukudala walugcina.
      (b) Uma uphupha ubona abantu benze ucansi kungaba wuphawu lokuvakashelwa yisilwane.
      INKOSI ithel'umusa

  • @lulamantlahla1362
    @lulamantlahla1362 4 роки тому +3

    NGYABINGELELA PASTA...ngivuka nalo namhlanje ipupho lezinkomo ez'bomvu ezingu 4 namathole azo zizongena ngesango ekhaya zafika fahlala phantsi ezinye zidla utshani. Ngyabonga kakhulu inchazelo kwande.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      Sibonge Ntlahla
      Kusho Ukuthi idlozi/amadlozi abekuvakashele
      noma bakufuna uthwasile uma ungakathwasi.
      Be blessed

  • @buhlebamaswazitshabalala6033
    @buhlebamaswazitshabalala6033 3 роки тому

    Uma uphupha imantombazane as emanzini bese eyodwa ukudonsa izinyawo ngiphindele futhi kuleviki eli phelile ngaphupha I clam yasolwande

  • @mzwakhemsimango4459
    @mzwakhemsimango4459 4 роки тому +5

    Mfundisi wezwe, ngiphupha ngisemncwabeni wowaye ngumongameli wezwe (Pres JG Zuma) ngihleli eduze kwencwaba lakhe ngino mndeni wakhe. Namuhla ngiphupha kungathi ngiku gala dinner nosaziwayo bodwa. Kukhona nalomlungu odume kakhulu uDavid Beckham owaye ngumdlali webhola lezinyawo. Ngabona nomfana kaZuma kodwa ezedlulela nje engahambi nonogada bakhe njenge njwayelo.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +2

      UKUPHUPHA UMNGCWABO womuntu oqavile noma odumile wuphawu olumele izinguquko ezinkulu ezizokufikela maduze.
      Kungenzeka ukuthi kuhlobene nesimo sakho samanje somsebenzi noma isikhundla uma usebenza noma ibhizinisi uma unalo noma impilo nje jikelele.
      futhi kungasho ukuthi uzothuthela kwenye indawo ekude enobungcono noma umbono wakho jikelele ngempilo ungashintsha, ngenxa yezinto ezithile ezizokwenzeka.
      UKUPHUPHA UHLELI NEZICUKUTHWANE: osaziwayo abantu abadumile noma abaqavile noma abahlonishwayo emphakathini wupahwu oluhle kakhulu -kusho ukuthi unethongo elikhulu futhi unenhlanhla noma uzokwehlelwa isimo senhlanhla engashintsha impilo ngendlela engakhlakali.
      INKOSI IKULONDE

    • @mzwakhemsimango4459
      @mzwakhemsimango4459 4 роки тому

      @@NufliqOnline ngiyabonga nceku yenkosi makwande mfwethu 🙏🏾

  • @Mongameli-we9zv
    @Mongameli-we9zv Рік тому +1

    Ei Postor Waze waybeka indaba mayelana noku leader ikhaya

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  Рік тому

      Thank you, ngane yakwethu.
      INkosi ikulonde

  • @simphiwenkosi6759
    @simphiwenkosi6759 3 роки тому +3

    At least ku le video u clear loud and active. Kuyancomeka💯

  • @msawakhebuthelezi7930
    @msawakhebuthelezi7930 3 роки тому

    Ngiphuphe ngigeza ngisendishini phambi kwabantu besifazane bengibuka

  • @khethiweduma3611
    @khethiweduma3611 3 роки тому +1

    Ayibongwe mfundisi, ngicela ungichazele ngokukha amanzi empompini ngesigubhu 25ltre, sagcwala kwakhihlika amagwebu amhlophe. Ngicela ungikhanyisele. Ngyabonga.

  • @bavukilephungula5162
    @bavukilephungula5162 4 роки тому +1

    Ngicela ukubuza ukuphupha inyanga eyaziwayo nokuphupha inyanga oyaziyo

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      Kuzoya ngokuthi uyiphupha yenzani
      Uma uyiphupha kungonakele lutho kungasho ukuthi kungenzeka uke wayicabanga noma uma ugula noma unezinkinga kungasho ukuthi iyona engakwelapha.
      INkosi ithel'umusa

    • @bavukilephungula5162
      @bavukilephungula5162 4 роки тому

      @@NufliqOnline ngiphuphe lending edumile ngicela ukuty ingsize ngrnkinga zam ayizange iyinake lento engiyisho kwangaty sesihlezi kuyahlekwa ungphathele ukudla okumnandi i macaroni ene mushrooms ngabona sengyothenga ice cream ngayidla

    • @bavukilephungula5162
      @bavukilephungula5162 4 роки тому

      Kanti bengsanda kuphupha ufudu

  • @sandilemakhunga5500
    @sandilemakhunga5500 2 роки тому +1

    Sawbona baba Ngyathemba uphilile.
    Ngiwu muntu wesilisa osemusha, ngicela unglekelele nganali phupho ngiphuphe ngigcotsha ukuba isilo/nkosi Yama Zulu phakathi ehholo elikhulu kukhona zonke izinhlanga zabantu zizo bungaza ukubekwa kwami.
    Kuthe kusenjalo ngaksasa nihamba ngebhayisikili nabanye abelungu ababili engibaziyo emsebenzini ngithe mangphakamisa mehlo nayi Nkosi eyakhothama iSilo uZwelithini ebukeka egugile bsweni futhi ephushwa nge wheelchair.
    Ngyabonga

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      *Uma uphupha ugcotshwa/wethweswa ubukhosi;* wuphawu oluhle olungasho ukuthola ingcebo, ukukhula kwesithunzi sakho, ukuhlonishwa emkhakheni wakho, ukuba nedumela kubantu, noma ungumuntu oweneme ngempumelelo yakho ngokobuciko noma ngokomoya.
      *Uma uphuphaugcotshwa/wethweswa ubukhosi;* wuphawu oluhle olusho ukuthi uzokwazi ukuzakhela ubuhlobo obuthokozisayo uphinde ubugcine bubuhle nabantu abavelele nabahlonishwayo.
      *Uma uphupha ubona inkosi noma amakhosi;* wuphawu oluhle olusho ukuthi ungumholi spiritually, futhi ungakwazi ukunikeza abanye abantu amasu ukuze bakwazi ukunqoba izithiyo futhi babhekane nezinselelo zabo.
      *Uma uphupha ubona ingonyama esikhotheme;* wuphawu olusho ukuthi uzokwazi ukunqoba ukukhishwa inyumbazane noma uzothwala izinkinga zabanye.

  • @phumlaphinomzamo2760
    @phumlaphinomzamo2760 4 роки тому +1

    Mina nginokuphupha usomizi

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA USAZIWAYO
      (a) Uma uphupha usaziwayo kungenzeka ungunumuntu omkhonzile noma obukela kuye.
      (b) Futhi uma uphupha umuntu ongusaziwayo wuphawu oluhle kakhulu olungasho inhlanhla, udumo noma ukuhanjelwa kahle izinto ngokuhamba kwesikhathi.
      INKOSI ithel'umusa

    • @thandazileshabalala1212
      @thandazileshabalala1212 3 роки тому

      Mkhulu amen Mina mkhulu ngisanda kuphupha ubabuzuma sengathi ugqoke ingubo emhlophe yakashembe sengathi usula icantsi elincolile basengisondela kuyena kube ubaba wami owashona angibuze ukuthi ngifuna I ngoba kunjena ithina ngiphatheke kabi ngihambe ngithi ezinganeni zami ngizothengela ubaba ingubo uyagodola bese yena futhi athi cc awuyi yini emsebenzini ngithi ngiyaya athi shesha ungafiki late ngihambe ngaduka emsebenzini ngaze ngaphaphama

  • @nhlanhland9111
    @nhlanhland9111 4 роки тому +2

    Thokoza mkhulu ngyabonga maningi amaphupho wami ongchazele wona.inkosi ikulonde.mkhulu ngsacela ukubuza, uma uphupha undiza njalo kunabantu abakuhubhayo, kwesinye isikhathi ngzizwa ngngenawo amandla ngkhuleke ephusheni.ngndize kakhulu. Kwesinye iskhathi ngndize kakhulu nami ngzizwe ngthokozile.ngabe kuchazani mkhulu.ngyakuhlonipha mkhulu inkosi ikubusise.

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA UNDIZA
      (a) Uma uphupha undiza kungonakele lutho lolo wuphawu oluhle - olusho amandla amakhulu ongawazi noma ongakawanaki okumele uwasebenzise - okungamandla emfihlakalo.
      (b) Uma uphupha undiza wuphawu noma izinkomba zokuthi unamandla owembethe. Kunzeka uzithole ubalekela izitha ezikufuna phansi, abantu abakufuna ukukuthela ngenduku, izinja ezifuna ukukuluma, izinkomo ezifuna ukukuhlaba usuke ngejubane ugcine usundiza - lolu kuvame ukuba wuphawu lwesiphiwo onaso samandla okunqoba izimo obhekana nazo.
      (c) Futhi uma uphupha undiza kuvamile futhi kube wuphawu lokuthi usuke uphephiswa engozini yizidalwa zakini noma umvelingqangi - ikakhulukazi uma kukhona okusiza ngokuthi undize.
      (d) Ukuphupha undiza wuphawu lobungcwele olukhomba ukuthi isithunywa sakho besikulwela.
      (2) UKUPHUPHA UTHANDAZA
      (e) Ukuphupha uthandaza kuvame ukuba wuphawu olukhomba ukuthi uthandaze noma amandla akho asemkhulekweni.
      (f) Uma uthandaza kungaba wuphawu olukukhomba ukuthi unesithunywa futhi olukukhuthaza ukuthi amandla okunqoba noma okwenza izinto zenzeke kuwe ngomkhuluko..
      be blessed

    • @nhlanhland9111
      @nhlanhland9111 4 роки тому +1

      @@NufliqOnline ngyabonga mkhulu kakhulu kodwa ngyawabuka amaphupho wakho kodwa angkaze ngbenayo inhlanhla yokuwathola .ngcela ucingo lwakho mkhulu uma kuvumelekile.ngbonge kakhulu mkhulu inkosi ikubusise mkhulu

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      @@nhlanhland9111 0764166991

    • @nhlanhland9111
      @nhlanhland9111 4 роки тому

      @@NufliqOnline ngyabonga mkhulu kakhulu inkosi ikubusise

  • @titimaseko4807
    @titimaseko4807 3 роки тому +1

    Kusho kutsini kuphupha umuntu wakho Adakiwe,abhizi namantombazana nawo azizela kuye

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому

      *Uma uphupha ubona umyeni wakho edakiwe;* wuphawu lwezinkinga ezizayo kanye nesimo esinzima sezezimali emndenini noma nizobhekana nezingxabano.
      Kepha *Uma uphupha ubona umyeni wakho edakiwe;* wuphawu olungabika ukuthi ukhungethwe izinkinga noma uzobhekana nezinkinga ezimehlulayo empilweni
      Futhi *Uma uphupha ubona umyeni wakho edakiwe;* wuphawu olungabika ukuthi ungumuntu oyengeka kalula noma okhohliseka kalula empilweni. Kungenzeka ukholwa aphinde alandela okushiwo abantu.

  • @simthembilesicoto6564
    @simthembilesicoto6564 4 роки тому +2

    Mina kukabili ndiphupha umagcobo wozalo endisa emfuleni nokunye okuningi

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      Kungasho ukuthi unedlozi elikhulu futhi uma kwenzeka ulandela ubizo uzokwaziwa kakhulu futhi bakuthande abantu.
      INKOSI Ithel'umusa

    • @phumlaphinomzamo2760
      @phumlaphinomzamo2760 4 роки тому +1

      🤣

  • @msawakhebuthelezi7930
    @msawakhebuthelezi7930 3 роки тому

    Ngiphuphe kugcwele uquba edlini kwangathi ngiwuthutha ngebhala ngiwukhiphela ngaphadle kodwa kulendlu bekukhona abantu ababili ngyabazi labantu bengukhomba lomquba bethi angiwuthuthe nami ngawuthutha Kodwa besengizizwa ukuthi Ngikhathele kulomquba mangiwukha kuvela umbese i okapi kwavela ehosta yesbhamu lendoda ilokhu ingikhomba ukuthini angiwuthuthe kubekule la kuyo keyondlu lendoda engikhombayo ngyayazu ingumzala

  • @njabulomtetwa9199
    @njabulomtetwa9199 2 роки тому +1

    Ukuphupha Umengameli wezwe kusho ukuthini?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      *Uma uphupha uMengameli wezwe;* wuphawu oluhle olungabika ukuzethemba, amandla, udumo noma ukuhlonishwa ongase ukuthole, ukuba nedumela kubantu, nokubamthwa idlozi elikhulu neliphakeme empilweni.
      *Uma uphupha uMengameli wezwe;* wuphawu oluhle olungabuye lubike ukuthi lindela izinguquko ezinhle nezinenzuzo ezizayo empilweni.
      Kepha *Uma uphupha uMengameli wezwe;* wuphawu olubi olungabika ukuthi kukhona umuntu omethembayo ozosebenzisa amandla noma igunya analo ukukuholela ophathe uma kungukuthi lomengameli ukhohlakele futhi akukho okungcono akwenzela isizwe.

    • @njabulomtetwa9199
      @njabulomtetwa9199 2 роки тому

      Ngyabonga kakhulu kuhlezi kuyimpumelelo ukukhuluma nawe

  • @titimavuso3722
    @titimavuso3722 3 роки тому

    Ngaphaphama

  • @nomusamkhize683
    @nomusamkhize683 2 роки тому

    Ukuphupha kuthiwa khuluma nezimpukane?

  • @lungelomajola7522
    @lungelomajola7522 3 роки тому

    Pastor weningi uma uphupha ubhala iTest yeMaths umane ukhohlwe yonkinto mase kumele ubhale kuqonde ukuthini?

  • @thandolwethuslindile5718
    @thandolwethuslindile5718 3 роки тому +1

    Ukuphupha Umama womuntu wakho ekuyala

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому +1

      1. UKUPHUPHA UMAMEZALA
      a. Uma uphupha ubona umamezala wakho; wuphawu olubi olusho ibhadi futhi uma ekuthethisa kusho ukuthi awuzukuba nenjabulo
      b. Uma uphupha umamezala ekuphethe kahle futhi nincokola kamnandi nobabili; wuphawu olubi olusho ukuthi uzodumala maduzane. Kungenzeka isoka lakho noma omunye umuntu akudumaze.

  • @thembiprudence4858
    @thembiprudence4858 3 роки тому +1

    Pasta wesizwe kuyini ukuphupha ukhulelwe usibona ngempela isisu wonke umuntu lapho ohamba uyakubheka...

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому +1

      1. UKUPHUPHA UKHULELWE
      a. Uma uphupha ukhulelwe; wuphawu oluhle olubika izinto ezinhle ezizayo okungaba inhlanhla yomsebenzi noma imali noma okunye okuhle.
      b. Futhi kungasho ukuthi kunoshintsho oluzayo empilweni yakho noma wena ufuna ukwenza iziguquko ezinqala empilweni.
      c. Noma kunomklamo/izinhlelo ophezu kwazo ezizokulethela ushintsho oluhle empilweni noma ukukhungatheka.

    • @thembiprudence4858
      @thembiprudence4858 3 роки тому

      @@NufliqOnline ngiyabonga kakhulu ngencazelo

    • @thembiprudence4858
      @thembiprudence4858 3 роки тому

      Pastor wesizwe ngicela ukubuza ukuthi ukuphupha uhamba ubona ubucwebe begolide lawuhamba khona ubucosha but ubukhetha bubuningi yonke indlela bese phakathi kwabo lobucwebe kune blacelet yasesandleni enobuhlalu obumnyama ,obumhlophe,obu blue, bese ekugcineni uthole imali Lena yakudala emhlophe iyinengi zonke lezinto uyazicosha phansi bese uzithatha uhambe nazo uphaphame ..

  • @baneletshabalala2575
    @baneletshabalala2575 3 роки тому

    Ukuphupha umuntu ongasekho athi uyagodola?

  • @lunakazinkabi1451
    @lunakazinkabi1451 3 роки тому

    Ukuphupha udriva imoto yakho first time bese khona abacela ulift bese bayaku hijacker kodwa moto igcine ingakuwena ubaphuca ukey ne phone yakho kusho ukuthini

  • @vuyosithole5487
    @vuyosithole5487 4 роки тому +1

    Ukuphupha inyonka emhlophe with black lines what does it mean?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      91) UKUPHUPHA INYOKA EMHLOPHE ENABALAAMNYAMA
      [Inyoka yamadlozi kuvame ukuba inyoka emnyama, eluhlaza nensundu/emhlophe imele isimo senhlanhla]
      (a) Uma uphupha inyoka emnyama enebala elimhlophe ngenzansi yiphupho elimele abadala noma amadlozi, lisho inhlanhla ezokwenzeka emndenini.
      (b) Ukuphupha inyoka emnyama enomgogodla omhlophe, wuphawu lobuthakathi - kusho ukuthi kukhona umuntu okhunkula ikwenu noma ikini ngenyoka - uthumela leyonyoka oyiphuphile ukuthi izothakatha.
      (c) uma uphupha inyoka emhlophe enamabala amhlophe kungaba wuphawu olukhombisa ukuthi udinga usizo nesiqondiso (guidance) ekusingatheni ezinye izimo.
      usesimweni lapho uzizwa ungenalusizo / ungakwazi ukuzisiza futhi udinga usizo lwabanye.
      But Please explain your emotions; how did you feel or react when see the snake/how did the snake react when sees you?
      be blessed

    • @vuyosithole5487
      @vuyosithole5487 4 роки тому

      @@NufliqOnline uma ngiybona ngsuke ngthukile ngiyisaba kodwa yona ayingenzi lutho

  • @madlalanhlanhlo645
    @madlalanhlanhlo645 3 роки тому

    Cela ukubuthi Pastor....kuqonde ukuthini ukuphupha unikwa a signed cheque by a celebrity?

  • @sphamandlamzwenhlahla3489
    @sphamandlamzwenhlahla3489 3 роки тому +1

    Kusho ukuthini ukuphupha ibhanoyi lindiza?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому

      1. UKUPHUPHA IBHANOYI
      a. Uma uphupha ibhanoyi lindiza lingahluphi; wuphawu olusho ukuthi uzokwazi ukuphuphmelela noma ukuba nenqubekela phambili ngaphandle kwezihibe.

  • @jabulanintshalintshali437
    @jabulanintshalintshali437 2 роки тому +1

    Siyabonga Pastor. Uma umuntu ephupha ugogo wakhe owashona ethi: (ugogo) izinsuku zakhe zisondele ukuba amuke emhlabeni. Ingabe kuchazani lokhu?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому +1

      *Uma uphupha ukhuluma nogogo ongasekho;* wuphawu oluhle noluvame ukusho izinto ezinhle noma izinguquko ezinhle ezizayo empilweni ikakhulukazi uma ebeneme futhi esisimweni esihle. Futhi kungasho ukuthi phakathi kwazo zonke izinkinga obhekene nazo uzozithola izisombululo.
      Kepha *Uma usuphupha gogo wakho ongasekho ekutshela ukuthi sesisondele isikhathi sokushona;* wuphawu olukuxwayisa ngokuthi kungenzeka uzobhekana nesikhathi ongeke wakwazi ukusigwema sokulahlekelwa yinto noma umuntu omkhonzile maduze. Noma kuzoba nezinguquko ezingemnandi obhekene noma ozobhekana nazo esikhathini esizayo.

    • @jabulanintshalintshali437
      @jabulanintshalintshali437 2 роки тому

      @@NufliqOnline Ngiyabonga Pastor ngokungicacisela iphupho lami. Engathi engakwandisela umdali kwisiphiwo sakho.
      Nakhu okunye- Uma umuntu ephupha ekhipha imali kwi atm kuze kube kabili. Ingabe kuchazani loko?

  • @buhlebhebe9014
    @buhlebhebe9014 4 роки тому +1

    Ukuphupha amabutho elinde ukulwa kutshoni mfundisi

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      (1) UKUPHUPHA UBONA IBUTHO/AMABUTHO
      (a) Uma uphupha ubona ibutho kungaba wuphawu olungakhombisa isibindi nokungesabi futhi nokuthi uzimisele ukubhekana nezinselelo ezingaphambili.
      Kusho ukuthi unekhono lokukhombisa isibindi uma ubhekene nobungozi, noma ngabe izimo zinzima kangakanani.
      (b) Uma uphupha ubona ibutho kungaba wuphawu olufanekisela ukusuka esigabeni sobungane uye kwesobudala/ebudodeni. Isikhathi lapho ubona ukuthi unendima noma iqhqza okumele ulubambe futhi kunabantu abathembele kuwe.
      (c) Uma uphupha ubona ibutho kungaba wuphawu olubi olumele umuntu ongesabi futhi ozimisele ukuzifaka engozini noma ukuzibeka engcupheni kungenasidingo.
      Iphupho kungenzeka likukhombise ukuthi udinga ukwehlisa umoya futhi ugxile ezintweni ongazilawula.
      INKOSI ithel'umusa

    • @buhlebhebe9014
      @buhlebhebe9014 4 роки тому

      Amen..akwande Pastor

  • @philanindwandwe5594
    @philanindwandwe5594 4 роки тому +3

    Ngibingelele Pasta, ngsacela ukbuza ingabe lishoni iphupho if uphupha uvakashelwe ngabantu besfazane abangu three family friends ngumama namawele akhe girls age 38. Mina I'm in my bed bona basezansi kombhede ngathi angiphathekile kahle with flu amakhala avalekile, mangithimula ngikhipha amafinyila ashubile like glue awapheli... Umama wama wele athi ngizobancono nam ngivume ngokusho ngathi ngizobangcono Mama, ngivuke ngi Blocked amakhala, kushoni Pasta loku?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA AMAWELE
      (a)Uma uphupha amawele wuphawu oluvame ukukuxhayisa ngomuntu osondelene kakhulu nawe ofuna ukukudla izithende, okungenzeka ngokwesikhundla, iqhaza olibambe emndenini noma ngokwezinga lempilo oyiphilayo.
      Leli phupho kafushane luwuphawu oludalula ukuthi kungenzeka unembangi eyimfihlo efuna ukufana nawe. Ubulili bamawele buveza ubulili bembangi.
      (1) UKUPHUPHA UMBHEDE
      (a) Uma uphupha ulele embhedeni kuvame ukuba wuphawu olukhomba ukuthi uzoshada kungekudala uma ungakashadi.
      SUMMARY
      Kungenzeka kunumuntu okufunayo okungenzeka nigcine nithandana naye.
      futhi Iphupho lakho lingasho ukuthi kungenzeka unesohiwo sokubona into ezokwehlela njengoba ukwazile ukuzibona uphathekile wavele wavuka kunjalo.
      Be Blessed

  • @inkolononkulunkulu
    @inkolononkulunkulu 4 роки тому +1

    ngicela I email yakho pastor, ngyadinga ukukhuluma nawe privately

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      xolaninkosi33@gmail.com
      INkosi Ikulonde

  • @siphosenkosispho5478
    @siphosenkosispho5478 2 роки тому

    Ngicela ukubuza kut kusho ukuthini ukuphupha muntu wakini ekuthulisa ukhala ekunikeza into esandleni

  • @nkosinathiocean
    @nkosinathiocean 4 роки тому

    Sawubona Pasta, kuchaza I ukuphupha ucosha amacici amabili newashi elihle elilingana nering(elincane)

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA AMACICI
      a. Uma uphupha amacici wuphawu olusho ukuthi kungenzeka uhilizisane ngamazwi nomuntu kungekudala.
      b. Uma uphupha amacici egolide, esiliva noma ediamond wuphawu oluhle Futhi olusho ukuthi ungase umbathwe inhlanhla noma izinto zizokuvuma kungekudala.
      c. Uma uphupha amacici kungaba wuphawu olukhomba ukuthi ungase uzitholele uthando olusha
      (2) UKUPHUPHA IWASHI
      a. Uma uphupha ugqoke iwashi kungasho ukuthi kumele wenzelwe isiko uqagqokiswe isiphandla
      b. Uma uphupha uthola iwashi kuvame ukuba wuphawu oluhle - olusho ukuthi uzolandelwa izinto ezinhle ezizokuhlaba umxhwele kuzo zonke izingxenye zempilo.
      c. Ungase izinto zikuhambele kahle ebhizinisini, noma uzothola imiklomelo nenzuzo ngomsebenzi wakho, noma uzohlangana nomuntu obalulekile.
      INKOSI ithel’umusa

    • @nkosinathiocean
      @nkosinathiocean 4 роки тому

      Asibonge!

    • @andiswanjeje8341
      @andiswanjeje8341 3 роки тому

      Amen pasta ngicela kuchazelwa mawuphupha uteta kondwa ungayiboni ingane ube ukhulelwe ngempela . Nokuphupha amanzi amhlophe enotyani olukuhlaza

  • @lulalula471
    @lulalula471 2 роки тому +1

    Baba ngaba kutsho ukuthini uma uphupha ulele naye usaziwayo (sex)

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  2 роки тому

      *Uma uphupha wenza ucansi nosaziwayo;* wuphawu olungabika ukuthi uzimisele ukuzidela nokwenza noma yini ukuze waneliseke, uphumelele uphinde ujabule empilweni.
      *Uma uphupha wenza ucansi nosaziwayo;* wuphawu oluhle kakhulu oluvame ukubika ukuthi uzokuba nenhlanhla nesikhathi senjabulo maduze empilweni yakho.
      *Uma uphupha wenza ucansi nosaziwayo;* wuphawu olungabuye isikhathi senjabulo nokugculiseka onaso noma losaziwayo ungumungu ohlezi umcabanga, uyakuchaza, futhi ubukela kuye empilweni.

    • @lulalula471
      @lulalula471 2 роки тому

      @@NufliqOnline Ndiyabonga kakhulu baba yanga uThixo akwandisele

  • @msawakhebuthelezi7930
    @msawakhebuthelezi7930 3 роки тому +1

    Ngyabingelela ngicela ukubuza ngiphuphe ngimi eduze komfula omhlophe onezinhlanzi ezimhlophe kodwa lomfula ubiyelwe ngocingo lohlabayo lezinhlanzi zidlala kulomfula mina ngime ngase brijini phezulu nabantu ababili ngaze ngasho ngathi kumele ngithenge udobo ngizozidoba ngabona inkomo emnyama ikhuphuka izangakithi ihamba phakathi kulomfula nami sengiphakathi lomuntu engihamba naye efuna ukuyigwaza lenkomo ngoba beyiza ngakithi kwangathi mina ngithi akangayigwazi ngyamkhuza ngase ngilufohla ucingo olubiyele ufula ngabona imali engo 10 randi bakudala ababili ibekwe eduze kwawo lomfula engathi bekuphahlwa kunane mpepho lapho kuthe kusenjalo ngabona umama emi ngenhla kwami emnyameni eduze kwakhe kume umuntu omfishane njengomtwana wangibuza idlela yokudlula ngamlayela wabonga wadlula

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  3 роки тому

      1. Uma uphupha umfula omhlophe; wuphawu olusho izinguquko ezinhle ezizayo.
      2. Uma uphupha izinhlanzi noma izinhlanzi ezimhlophe; wuphawu lwenhlanhla futhi lungasho ukuthi kwezothando uzothola umyazo womuntu onothando lwakho futhi lokhu kuzokujabulisa.
      3. Uma uphupha ibhuloho; wuphawu oluhle uma uhamba kulo ibhuloho kukhombisa ukuthi usendleleni yenqubekela phambili.
      Uma uphupha ubuka phansi uphezulu ebhulohweni; wuphawu olusho ukuthi unokuphazamiseka ezintweni ozenzayo ukutheni ungabi nenqubekela phambili futhi kuveza nesifiso sakho sokukhululeka ezingqinambeni obhekene nazo kepha ukwesaba noma nokungabaza ikona okukubambezelayo.
      4. Uma uphupha inkomo emnyama; wuphawu olubi olubikaibhadi nokwehluleka futhi kusho ukukhashelwa abantu ababi.
      Futhi inkomo emnyama; kwesinye isikhathi kungaba wuphawu lwenhlanhla yemali ozokuba nawo kungekudala.
      5. Uma uphupha ubona noma uthola imali yakudala; wuphawu oluhle olubika inhlanhla noma impumelelo ezayo.
      Uma uphupha uthola imali yamaphepha; wuphawu olusho isisombululo esizokuphumelelisa ezinkingeniobhekene nazo njengamanje.
      6. Uma uphupha impepho; wuphawu olusho ukuthi kumele uxhumane nedlozi noma uthethe nethongo ngokuphahla. Futhi kungenzeka kunomsebenzi okumele uwenzele abaphansi noma sekunesikhathi ungasakhulumi nethongo.
      7. Uma uphupha umama wakho osashona ephila; wuphawu olusho ukuthi ungumvikeli futhi njengamanje ubudinga ukuvikelwa empilweni yakho - kepha uma esebumnyameni kungasho ukuthi akahlanjuliwe noma ayinziwanga ngendlela inhlambululo.
      8. Uma uphupha ukhombisa umuntu indlela; wuphawu olungakhombisa ukuthi uhlala uncintisana nabantu abaseduze kwakho noma kusho ukuthi awuwathandi amaphutha.

  • @sifisombonani7511
    @sifisombonani7511 4 роки тому +1

    Baba ingabe kucazani ukuphupha ufake amacici ungumuntu wesilisa?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому +1

      (1) UKUPHUPHA AMACICI/UGQOKE AMACICI
      (a) Uma uphupha amacici noma ufake amacici wuphawu olukhomba ukuthi kungenzeka ukuthi uzolwa/ uzoxabana/uzohilana nomuntu kungekudala.
      (a) Ukubona amacici ephusheni kusho inhlanhla. Kukhombisa ukuthi uzokwenza/uzongenisa imali enkulu ngokwenza umsebenzi okungekho noyedwa owake wazama futhi ongazange awenze. uzoba nobuhlobo/ubudelwane obuthinta inhliziyo futhi uzojabula kakhulu.
      (a) Uma uphupha uzibona ukugqoke amacici wuphawu oluvame ukukhombisa intuthuko kwibhizinisi futhi nokwanda kwamathuba emali. Ukugqoka amacici kusho ukuthola amathuba amasha ebhizinisi.
      Be blessed

    • @sifisombonani7511
      @sifisombonani7511 4 роки тому +1

      @@NufliqOnline Ngiyabonga baba

  • @andilemahlangu3582
    @andilemahlangu3582 4 роки тому +2

    kusho ukuthini ukuphupha ulele no sisiwakho?

    • @NufliqOnline
      @NufliqOnline  4 роки тому

      (1) UKUPHUPHA ULELE NODADEWENU
      (a) Uma uhpha ulele nodadewenu kungaba wukuthi kungenzeka usunesikhathi ugcinile inkonzo yasekamelweni.
      (b) Uma uphupha ulele nodadewenu kungaba wuphawu lokuthi ubudlelwane benu buzoqinina noma kusho ukuthi umkhathalele kakhulu
      (c) Uma uphupha ulele nodadewenu kungaba wuphwu lokuthi udadewenu uzozuza kuwe ngokwezimali.
      (d) Futhi uma uphupha wenza ucansi kuvame ukuba wuphawu lwesilwanenoma isichitho okungenzeka nixabane naloyo osuke uzibone ulele naye/kwabanye kusho inhlanhla
      Be Blessed

    • @noziphokhanyezi1574
      @noziphokhanyezi1574 3 роки тому

      @@NufliqOnline zzzZZzz