REV MPANZA NCG. IKHOLWA ALIZIHLANGANISI NOMSAMO Lentshumayelo yayisethempelini mhla ka19 March 2011.
Вставка
- Опубліковано 7 лют 2025
- Isihlabelelo 162.
Amen. Amen. Amen!
Amen. Amen. Amen!
Inhlaba umuthi wasendle
Awuthathi lutho ngokubaba,
Kunezwi lakho Simakade
Amen. Amen. Amen!
Amen. Amen. Amen!
Iboza umuthi wazintaba
Awuthathi lutho ngokubaba
Kunezwi lakho Simakade
E’nhliziyweni zabaningi.
1.Angazi ukuthi bangaki phakathi kwethu abantu abazi inhlaba. Inhlaba isihlahla esiyaye sisikwe bese siba nento eluketshezi engamanzi. Inhlaba iyababa ngenldela exakile, ngeke uyidle nje iyodwa, kodwa iyaphilisa ivama ukusetshenziswa nje ezintweni eziningi eziphilisayo, kodwa yona inhlaba iyababa kakhulu.
2.Kodwa lapha uShembe uthi inhlaba umuthi wasendle awuthathi lutho ngokubaba kunezwi lakho Simakade ezinhlizwiyeni zabaningi. Ngamanye amazwi uShembe uthi, kukhona abantu abayaye bekuthole kungcono ukuba bedle inhlaba ebabayo kunokuthi bakholwe.
3.Kunabantu izinhliziyo zabo ezilikhuni ngangokuthi bayaye bebone kungcono ukuthi badle inhlaba kunokuba bemukele izwi lakho Simakade.
4.Kukhonake abantu abangeke bekholwe noma ngabe sekuthiwani, bakhona abantu abathi noma sebefile noma sebesezulwini bekwenqabe Ukukholwa. Bakhona abantu abanjalo, abangakufuni ukukholwa noma sebefile, abangamfuni nje uNkulunkulu, abakhethe ukuthi baphile impilo yasesihogweni.
5.Kodwa-ke lapha asikho lapho ngoba ngikholwa ukuthi bonke abantu abeze lapha beze ngoba bethanda ukukholwa. Angazi-ke uma kukhona abangakuthandi Ukukholwa, kodwa abezile lapha, kodwa ngithatha ngokuthi bonke abantu abeze lapha ngabantu abathanda ukukholwa.
6.Lo muntu wasezulwini, esivama ukuba sihlale naye, uvama njalo ukuba asifundise ukuthi ukukholwa kwabantu behlupheka akusho lutho, into ebalulekile ukuthi abantu kuphume ukuhlupheka kubo, ukuze sibonakale ukuthi uNkulunkulu uphakathi kwethu kubonakakale ukuthi abantu kuyasuka ukuhlupheka kubo, abantu abagulayo kufanele baphile.
7.Abantu abanganawo umsebenzi bewuthole umsebenzi, abantu abahluphekayo, noma ngakuphi ukuhlupheka, lokho kuhlupheka kuphele kubo.
8.Inhloso kaShembe (Prophet Isaiah Shembe) uma efika lapha emhlabeni, wafike wenza izinto ezimbili. Into yokuqala uShembe owayenza ukuthi ashumayeze abantu, abatshele abantu ukuthi kungenwa kanjani ezulwini.
9.Zimbili izinto uShembe owazenza, ukuthi ashumayeze abantu, abafundise abantu ukuthi kungenwa kanjani ezulwini, ebese ephilisa abantu.
10.Nathi-ke uma silapha, ngoba sithunywe uShembe, kufanele senze lezo zinto zombili, kufanele sifundise abantu ukuthi kungenwa kanjani ezulwini, bese abantu sibacelela kuShembe ukuthi baphile, ngoba asikwazi thina ukuphilisa abantu.
11.ade kukhulunywa kakhulu, uMkhokheli usekhulume kakhulu ngendaba yomsamu, ukuthi abantu abangayi emsamo. UMkhokheli ubeshumayela, mina angishumayeli, ngizama ukuba ngichaze kabanzi lento ekade ichazwa.
12.Noma uMkhokheli eshumayela ngayo, ngoba angifuni ukuthi uma seniphuma lapha, uma senibuzwa ngabantu ningazi ukuthi niyiphendule kanjani lento esikhuluma ngayo.
13.Ngakho-ke umuntu nomuntu kufanele eyizwe kahle, okwenza ukuthi uma ephuma, ekwazi ukuyichazela abanye abantu. Into yokuqala leyo ebalulekile. Ngakho-ke akugcini ukuthi nje kufanele sishumayele kodwa kufanele ukuthi abantu sibafake esikoleni, asikho-ke esinye isikhathi esingasithola ukuthi sibe nesikole ngaphandle kokuthi sibe la eThempelini.
14.Okokuqala okufanele sikuqonde ukuthi ubuNazaretha inkolo, njengoba ubuNazaretha buyinkolo, ubuNazaretha lobu abugcini nje lapha KwaZulu, kufanele kube semhlabeni wonke, kube se-Africa yonke, kube semhlabeni wonke.
15.Uma busemhlabeni wonke, kufanele ukwazi ukuthi into oyichazela umZulu, ukwazi ukuyichazela umXhosa, ukwazi ukuyichazela umPedi, ukwazi ukuyichaza e-Mozambique, ukwazi ukuyichaza e-Nigeria, ukwazi ukuyichaza e-Libya, ukwazzi ukuyichaza e-England, ukwazi ukuyichaza wonke umhlaba, uchaza into eyodwa.
16.bantu abakhethiwe uShembe ukuthi beshumayele, befundise abantu le ndlela engikhuluma ngayo, ileliThempeli, leli Thempeli liwumphombo wobuNazaretha elizohamba umhlaba wonke, kufundiswa abantu, hhayi kuphela abakuleli Thempeli, kodwa umhlaba wonke abantu bazofundiswa ngobuNazaretha.
17.Umhlaba wonke abantu befundiswe ngoShembe. Bonke labobantu kufanele kuqale la ukuthi ubuNazaretha uma kuphuma kuya ngaphandle kufanele kufundiswe kanjani.
18.Lowo msebenzi unikezwe thina. Ikhona ke kubalukekile ukuthi singagcini nje ngokushumayela, kodwa singene esikoleni, sigxile ngephuzu nephuzu esilibekayo, abantu abakuleliThempeli belizwe ukuthi sithini uma sikhuluma ngalokhu.
19.Njengamanje ngikhuluma ngesihloko okade uMkhokheli ekhuluma ngaso, engifisa ukuthi abantu basizwe kahle. Uma kukhona abafundile, bekwazi ukuthi bebhale ngalesi sihloko, sicace kahle, isihloko esikhuluma ngaso esithi UMUNTU OKHOLIWE ANGAZIHLANGANISI NOMSAMO, umuntu okholiwe akazahlinganisi nomsomo uma ngabe ebika usizi lwakhe.
Thabekhulu
Siyabonga baba❤️
Siyabonga baba for the teachings a lot they have helped me to grow a lot. I'm a born again Christian but your teachings paved a way for me to walk in wholeness with God. And to know ukuthi izangoma, Nomsamu its not part of my journey moving forward with God🙏 may Father God bless you abundantly with your family
Mr Mpañza kuyadabukisa namhlanje wena kade uzibandakanye ñalenkolo kodwa namhlañje sewukhuluma ngensindiso màñje awuboñi ngani ukuthi lento yakho iphambene wanensindiso manje uyihlubuka vele inkolo kaShembe ikhuluma ngomkhulu bethu. nokhokho bethu uqhamukaphi mañje sewunensindiso manje baba umdukisi vele uhlale phansi umdala manje ngidabukela ingañe zakho angikudabukeli wena çha ngoba uyobe sewulele ngeqolo lofika olungaliyo👈👈👈
Iqhamukaphi kodw lenja enamarabu izodlalangathi
Baba mfundisi weNkosi yaseZulwini sifuna indlela eya ezulwini kujehova sengathi okushumayele kwakho onendlebe uyokuzwa ayibongwe iNkosi
Ngumangaliso lo ngiwuzwayo, leliqiniso alikhulumayo ubaba, Mina kufuneka ndirepente ngoba bathe kimi kufanele ndibenomsamo. Namuhla ndizwa isimanga ngo reverent and Mina nditsha kulenkolo yamanazaretha. God forgive me I repent, ndiyakuwuchitha umsamo ndikulandele njengoba bendisenza njalo.