Umhlahlandlela Ojulile Ngengane yakoMalume nekubo kayise oyizalayo

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 28 лис 2024
  • Kujulile ukuzalwa koMuntu uzokhumbula ukuthi uMuntu uma ezalwa ufika ngabantu ababili

КОМЕНТАРІ • 175

  • @khanyisanisibiya688
    @khanyisanisibiya688 3 роки тому +5

    Ayi, lena yanamuhla khuluma umoya impela ke lana ijule kakhulu lena and it is touching as for me ngathi yenzelwe mina. Ijulile impela siyabonga kwiMpunga. Ulwazi umothi ongunaphakade.

  • @phililemhlongo1362
    @phililemhlongo1362 3 роки тому

    Ngiyazibongel ukungena noma ngimusha lapha kodwa ungathi ngikudinga kakhulu indodakaz kaphilile lena ogama layo sabathile ngiyabonga ukungena lapha kakhulu ungathi ngizoba nomhlahlandlela kukho konke

  • @siyabongagumede4870
    @siyabongagumede4870 2 роки тому

    Hmmm lena ijulile kakhulu yoooh idinga isineke. Mina sengifisa ukukubona👏

  • @fikiledlwati
    @fikiledlwati 3 роки тому +11

    😭😭😭Eish waze wathinta into enkulu eyang'limaza empilweni, kodwa ngomusa wokhokho nokhulu nowe-Nkosi indlela ngayithola seng'dukiswe abantu begijimise imali. I respect you and your work, you one of the kind, uyaphila umsebenzi wakho 💯

    • @noelmasondo7818
      @noelmasondo7818 3 роки тому

      Wagcina ulungisa kanjani

    • @sibusisotlhabadira1216
      @sibusisotlhabadira1216 2 роки тому

      Thokoza . Uyilungise kanjani eyakho inkinga?

    • @paulnkabinde5676
      @paulnkabinde5676 Рік тому

      34:48 ngagcwalisa u baba mina ngahlawulwa kepha kwabanzima kakhulu namanje ngisadidekile ngoba ngathelwa ngenyongo kuyalungiseka lokho ngiyacela incazelo

  • @sakhilezondi4631
    @sakhilezondi4631 3 роки тому

    Umama wazalelw ekhaya nami wangitholela ekhaya ngisebenzisa siph isbongo

  • @bonganimkhize5120
    @bonganimkhize5120 3 роки тому

    Wayibeka yezwakala Mpunga yesintu. Bakugcine abangabonwa ngamehlo enyama ukuze uqhubeke ngomsebenzi omuhle wokwelapha abantu ngokomphefumulo nangokwengqondo.

  • @dudumlangeni6058
    @dudumlangeni6058 2 роки тому

    Ngiyabonga baba😭😭ukhuluma ngami namuhla...impilo inzima angilungelwa yilutho😭😭kuzwakele sibonga isihloko

  • @bonakelemhlungu6392
    @bonakelemhlungu6392 3 роки тому +9

    Mpunga ilungiswa kanjani uma yonke lento oyishoyo ibhekene nomunru oyintombazane 🙏

  • @sambulomngadi9595
    @sambulomngadi9595 3 роки тому +3

    Kujulwe kakhulu namhlanje, washaya kwazwela Mpunga Ameen!!!!

  • @tholakelendlovu2989
    @tholakelendlovu2989 3 роки тому

    Wakhuluma mpunga ngaze ngadideka ngoba amahliphihliphi esihlezi kuwo nesiwenzile anzima yeyi isintu sijulile kakhulu...impunga 🤝🤝🤝🤝

  • @mandlandlovu4838
    @mandlandlovu4838 3 роки тому +2

    Nduna ka ndaba khehla lama khehla nakanjani awukaze wasiphoxa thina esingabalandeli bakho. Siyabonga ngolwazi osphakela lona.

  • @nomvulanxumalo8713
    @nomvulanxumalo8713 3 роки тому

    Mpungaaaaa! Sicela uke uthinte isihloko sowesifazane ozalelwe ko malume kodwa engabazi . Ngazi isibongo kuphela nokuthi komalume kuse mozambique. Nobaba ongizalayo angimazi ngazi isibongo kuphela. Ngakhuliswa ubaba umama ashadela khona engisebenzisa isibongo sakhe. eyami iyinkinga nje angazi ngingayithini.

  • @stheciouse
    @stheciouse 2 роки тому

    I'm blown away by the accuracy, ai bakithi lendaba ulande cishe onke amakhona wayo sengathi kukhona ubekuhloma imibuzo bese uyiphendula. Impuuuunga!

  • @nzuzomthembu8913
    @nzuzomthembu8913 3 роки тому

    Siyabonga Mpunga, nawu umbuzo uma ke kungukuthi umama wakho okuzalayo yena uyilongwe lapha kugane khona ugogo wakho kwenziwa njani esimeni esinjalo.
    Uma sekufika isikhathi sokuthi uganwe uyinsizwa umuzi uwakha uwubize ngasiphi isibongo, ngoba ngokwe "sende" akuyena umkhulu wakho ngoba usuke engazali umama wakho ngokwegazi.
    Ngiyabonga.

  • @DukeOfEccleston
    @DukeOfEccleston 3 роки тому +10

    Power to you Mpunga, its as if you were speaking to me this morning. 🙌🏿

  • @sakhilezondi4631
    @sakhilezondi4631 3 роки тому

    Mpunga yesintu azalwa kuboka gogo.isibonelo Umama wazalelwa ekhaya na

  • @SamukeloChambule-qb1vc
    @SamukeloChambule-qb1vc Рік тому

    Ayi kunzima kwangathi ukhuluma NAMI ngqo🙏

  • @luyandamkhize5914
    @luyandamkhize5914 2 роки тому

    Cha Usukhulume Kakhulu We Mfoka Mbanjwa, kodwa kule ndaba yokukhulela kini kodwa kungaphelelisiwe konyokolume. Lapho ugcine Kangacaci kahle indlela yokulungisa isimo ezinjalo.

  • @thulisilemtolo6863
    @thulisilemtolo6863 3 роки тому

    Yooooooooh Mpunga hayi uyasikhanyisela izinto osembulela zona mna inkungu iyasuka emahlweni am I enkosi mpunga

  • @mduduzinxumalo9752
    @mduduzinxumalo9752 3 роки тому

    Nduna ka Ndaba🙏ungehlule singalwanga ugwanse kakhulu lombele wakho usungelaphile

  • @Os-qf8jh
    @Os-qf8jh 3 роки тому

    Amen Mkhulu cha bekungathi ukhuluma Nami impela Siyabonga kakhulu... MMPUNGA Kwande Mkhulu

  • @jacquolinasibande1156
    @jacquolinasibande1156 3 роки тому +2

    Siyabonga Mpunga ngokusivula mehlo. Ngicela usenzele uvideo oqhaza umyalo noma umvuzo wokugana esibongweni esifana nesikamama noma esikababa. Kungisiphi esivumelekile ukugana kiso, sengikubone kaningi loku kwenzeka.

  • @XolaniNgobese-o6k
    @XolaniNgobese-o6k 10 місяців тому

    Ngaphila namuhla emphefumulweni wami indle osuychaze ngayo mpunga yesintu ngiyabonga

  • @MkhuluJobe
    @MkhuluJobe Рік тому

    Ngizalelwe no malume ubaba wahlawula wakhipha kancane ngikomalume nginomfana ngählawula bathi angiyithathe iyasuka ifaka isiphandla ngaphandle
    Kwami manje yakhe umuzi ithi ivusa umuzi kababa waning kwenzeka
    Njani

  • @mkhanyisondlovu1252
    @mkhanyisondlovu1252 3 роки тому

    Yoooooo aykhona umhlahlandlela ojulile ngempela lona....wavele waqaqa ezinye zezinto ngami

  • @christianosobzatwala7093
    @christianosobzatwala7093 3 роки тому

    Lengoma kodwa mpunga Ave ngyidinga, ngiyacela igama lomuntu oyiculayo negama layo 🙌🙌

  • @wandile5485
    @wandile5485 2 роки тому

    Ukuthula ekhaya, uyisbusiso Mpunga yeSintu izinto engizifunda la, zihlobene nezinto ezithi azifane nezami.

  • @JeffreyCindi
    @JeffreyCindi 10 місяців тому +1

    Ngicela ukwazi ngomakoti owedele kithi abakubo bangasho ukuthi unezingane ngenkathi elotsholwa,sazingazo ngmncwabo kamfowethu,sayikhipha inkomkamama ngenkathi kulotsholwa manje izingane sezihlala khona kamfowethu,umasibuza abasmnzini bathi umakoti wethu bavumelana nomfowethu asaphila,secela ukucetshiswa mkhulu,

  • @sbonelomazibuko2362
    @sbonelomazibuko2362 3 роки тому +1

    Iyangthintaaaaa Kakhulu Lena

  • @nomvulanxumalo8713
    @nomvulanxumalo8713 3 роки тому +1

    Ngidelile kwakhanya Mpunga yesintu. Ngiyabonga impela

  • @thabansangweni314
    @thabansangweni314 3 роки тому +2

    UyiMpunga impela Umdala, sibonge 🙏

  • @dumoketsekile1940
    @dumoketsekile1940 2 роки тому

    Ndikuthulela isigqoko Mpunga yeSintu wathetha lempilo endivelele kuyo. Ngfuna ukuqonda ukuthi lo mfazi endimthathela ekhaya kababa wam uzawusebenzisa esiphi isibongo masitshata kuba mna ndisebenzisa esakomalume. Ndiyabonga Mpunga YeSintu ngokundivula amehlo nengqondokwimeko endikuyo

  • @siphesihlemajozi9526
    @siphesihlemajozi9526 3 роки тому +1

    Ngiyabonga mina uyigcaze kahle lendaba ngoba abaningi bayathanda ukutshela izinto abazizwa ngabantu bayeke ezifunwa amathongo akubo nawakonina lume

  • @sandilemokoena5600
    @sandilemokoena5600 3 роки тому +5

    This Man Is Very Smart & African Spiritually Gifted. Much Love Brother. 🙏

    • @mendonoko4869
      @mendonoko4869 3 роки тому

      Heyi wena slima.awuzwa vele ukuthi ulwimi lo ndlebe zikhanyi Langa alufuneki yini lapha

    • @sandilemokoena5600
      @sandilemokoena5600 3 роки тому +2

      @@mendonoko4869 Ke Bua Sesotho Monna Ebile Kea Tseba Batho Ba Bangata Ba Shebellang iMpunga Yesintu TV Ke maZulu Ke Ka Hoo Ke Ngola Sekgowa Hore Batho Ba Bang Ba Kgone Ho Utlwisisa Hore Kereng, Nahana Pele uBula Molomo Oo Wa Hao Ntate/Mme.

    • @lerahkhumalo
      @lerahkhumalo Рік тому

      @@mendonoko4869 you are soo lost, in a world of knowledge and transition. We are not Zulu but our ancestors are Zulu so we are allowed to listen and respond how we want.

  • @patrickgasa7417
    @patrickgasa7417 2 роки тому

    Ngiyabonga mpunga ngifunde lukhulu namhlanje ngiyaqala ukukubona ngizokulandela

  • @ndumisolionence5509
    @ndumisolionence5509 2 роки тому

    Uyasakha bhuti ngiyabonga mina ngicela ungakhathali. UNkulunkulu akubusise

  • @siyabongablack9344
    @siyabongablack9344 3 роки тому

    Mpunga YeSintu ijulile kakhulu lesihloko nenkulumo osipha yona. Yabona isintusethu simile nje hlezi kukhona isombululo kwizinkinga esibhekene nazo singabantu abampisholo zilungiseka zonke kwilesihloko nesixazululo. Lenkulumo ngathi ibhekiswe kumina 🤞🏾. Siyabonga Fuze uyisibusiso kuthina 👏🏾

  • @thandilukhele6749
    @thandilukhele6749 Рік тому

    Siyabonga kakhulu 😊

  • @JabuGumede-h1s
    @JabuGumede-h1s 28 днів тому

    Ayi ijulile ngempela Mpungayesintu le

  • @portiamenziwa7697
    @portiamenziwa7697 2 роки тому

    Mpunga yesintu ndithanda ukubulela ngale channel. Mna ndizalwa kulomalume kodwa ndikhulela kulo baba. Baba zange enze kahle kulo malume, zange ahlawule. Ngoku ndimdala ndiyasokola ngumbango. Andikatholi indlelayokulungisa izinto

  • @siyandantuli529
    @siyandantuli529 3 роки тому +9

    Impunga!! Ay 🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾🔥🔥🔥 this is too much

    • @vukanidlamini7693
      @vukanidlamini7693 3 роки тому

      Eish inzima lento. 😲 Nami ngikuyo nje lenkinga..

    • @siyandantuli529
      @siyandantuli529 3 роки тому

      @@vukanidlamini7693 ey ndoda sibaningi kulenkinga.

    • @nhlakaniphontuli5966
      @nhlakaniphontuli5966 3 роки тому

      Ey Mphemba no Sibalukhulu, into ongazi ukuthi uzoyoqala uyithini.

  • @duduzilehlongwane3943
    @duduzilehlongwane3943 3 роки тому +1

    Ngiyabonga mpunga ingathi ukhuluma ngami...kwande mkhulu

  • @sifisohadebe7926
    @sifisohadebe7926 5 місяців тому

    Ngyabingelele mnawethu
    Ukungena kwenyekevu endlini ngabe kusho ukuthini
    Ngyathokoza

  • @ThulisileSikhakhane-ij4uv
    @ThulisileSikhakhane-ij4uv 7 місяців тому

    Uyangilapha Mpunga nginaleyonkinga ngabantwana bam

  • @mdusithole6435
    @mdusithole6435 2 роки тому

    Siyabonga mnewethu uhluba udlubu ekhasini 👏

  • @siyathembasiazmatshaya7074
    @siyathembasiazmatshaya7074 3 роки тому

    Ayi jonga,uyindoda Mpunga mabakuyeke

  • @nomthandazonkosi5903
    @nomthandazonkosi5903 3 роки тому +3

    Powerful, informative messages

  • @musadlamini3054
    @musadlamini3054 2 роки тому

    Mina ngangishaywa mengilale khabo mama bethi ngiye kithi

  • @ThembinkosimicroVukaphi-po2ow
    @ThembinkosimicroVukaphi-po2ow 4 місяці тому

    OK usho kimi vele kodwa ulokhu gwegwa awuqondi 😢😢😢😢

  • @bhekikhumalo9642
    @bhekikhumalo9642 3 роки тому +1

    Kujulwe ngempela namhlanje siyabonga mpunga yesintu

  • @sifundoericmlaba9233
    @sifundoericmlaba9233 3 роки тому +1

    Ngzoqale ngbonge kumvelinqangi ngomphefumulo owawuphefumulela kumaThongo akini aletha wena kulomhlaba Mpungose yesintu👏🤝🙏
    Ngcela ungikhikhanyisele lapha.Nansi ingane izalelwe khomalume kdwa nakhona komalume umkhulu ozala omalume bayo nomama wayo akazange akhokhe ekhaya kogogo bayo.....nakhu ihleli komalume nonina usewashona ngangokuba usuholile ukuba uphume ekhaya la ekhulele khona....
    Yakhe umuzi.isifuna ukubika lomuzi ewakhile emathongeni ayinika inhlahla...
    Yiziphi inhlelo ekumele iyithathe?
    Lowo muzi okabani ngokwesintu?
    Ubizwa siphi isibongo?
    Iganwa ngasiphi isibongo kulezibongo entantu eziyidingayo?
    Miqala ithetha idlozi ithini?
    Ngyabonga oythobayo
    Sifundo Eric Mlaba 🙏

  • @thukumthakathimanzini4371
    @thukumthakathimanzini4371 3 роки тому

    Ngisanda kufika kule chanel. Ngiyabonga Mpunga

  • @benzito4894
    @benzito4894 3 роки тому

    Syabonga ngolwazi mpunga, ngoba sigcina sesisaba nokwakha imizi ngoba sisaba ukubangwa amathongo

  • @gugulethumahlangu5646
    @gugulethumahlangu5646 3 роки тому +5

    Angizange ngiziyele kithi kodwa ngangixoshwa futhi ngikhunjuzwa njalo ukuthi angiyena wakomalume. Yebo futhi ngiyafana kakhulu no baba, nalokho kwakwenza abantu endlini bahlezi bengikhumbuza ukhuthi ngingowakabani. #trauma

    • @oyenazukisa256
      @oyenazukisa256 3 роки тому +1

      Eish ibuhlungu lendaba yazi iwesi mawuyindoda

  • @grantngema6131
    @grantngema6131 3 роки тому +1

    Heavy stuff... Real truths.. Siyabonga 👌👍

  • @landisakunene4049
    @landisakunene4049 2 роки тому

    Ngyabonga ey uhlale entweni ebingikhathaza kakhulu sengicaciselekile ngakhanyelwa ngyabonga ngayabonga

  • @bongiwenyandeni6966
    @bongiwenyandeni6966 3 роки тому +1

    Hhhhhaaa ukhuluma nami phela la nomzukulu wami esingakamenzeli lutho kodwa somenzela bakithi izimfanelo zakhe uma sesinamandla.

  • @sibusisomoshani6237
    @sibusisomoshani6237 Рік тому

    Mpunga yesentu Uma ubaba wakho wayekukhanyele mhla kusiwa isisu sokuthi yena ukhulelise wagcina engahlawulile ngoba akuvumile kwenziwa njn Nd yabona ukuthi lomuntu akanaso futhi namanje Amandla wokuhlawula

  • @bathandemlindelwa7159
    @bathandemlindelwa7159 Рік тому

    Camagu mkhulu ndingu Bathande wakwaMakhsi igxaki ndazalelwa kulomama utata akakhuphanga nto naye wazalwa ngaphandle ngu gogo uthe utata seshonile wandi khomba apho azalwa khona ,ndicela ukuva mkhulu into enje ndingayimisa njani
    Camagu

  • @curiousk4083
    @curiousk4083 3 роки тому +2

    😱So powerful, Mpungaaaa.If umkhokha womndeni kwawukuba namavezadlebe wazi kanjani?

  • @bkmolefe1813
    @bkmolefe1813 Рік тому

    Eish wathinta okubhekene nami ngqo kumanje ngidunyelwa ikhanda ngakhulela kubo baba umama wangihambisa ngizelwe kodwa kumanje izinto ziyangibhedela ngyabangwa ngina 46yrs mpungayesintu ngocela ukufonela uke ungichushise kulenkanankana engibhekene nayo

    • @zanelemahlaba8079
      @zanelemahlaba8079 Рік тому

      Mmmm kwaze kwafana nokwami kuyimisile impilo yomunt lezinto zabazali bethu

  • @ntokozomhlangantokozo9053
    @ntokozomhlangantokozo9053 3 роки тому

    Syabonga Mkhul Ngcobo

  • @owenshelembe6708
    @owenshelembe6708 3 роки тому

    INAMANDLA KAKHULU LENKULUMO🙏🙏MINA NJE NGO JUNE NGLANDA UMSHANA WAMI NGZOMUPHA ISPHANDLA SAKO MALUME, UKUZE ENGABI NEZINKINGA, AND OWENTOMBAZNE LOMSHANA WAHLAWULWA KAHLE NJE 🙏🙏🙏💯ENGATH NJE KUNGAHAMBA KUNGABI NEZITHIYO EMATHONGENI

  • @siyaxaba4699
    @siyaxaba4699 3 роки тому

    Wangihlaba umxhwele ngalesihloko namhlanje wavele wasilula kahle asangaba isiqephu wavela wakhuluma nam wakomalume ngithi nje IMPUNGA unwele lude

  • @duduzilebophela9728
    @duduzilebophela9728 10 місяців тому

    Mhmm Yho Eyi nsizwa ngathi ukhuluma nami straight.

  • @nkosingiphilengcobo8885
    @nkosingiphilengcobo8885 Рік тому

    Ukuzalwa komuntu nomuntu kujulile akwefani kujule kakhulu. Ithongo elizivezayo kuwe nelinamandla phezu kwakho ilapho ungowakhona. Asifundeni ukuthola ulwazi lokuxhumana namathongo asembethe asigadile ayositshela konke esidinga ukukwazi.

  • @sylviavilakazi2057
    @sylviavilakazi2057 2 роки тому

    Mkhulu masibingelele, ngiyakuzwa futhi ngizwile kodwa una umama we gave name , engezanga wafakwa esibongeni somalume kwenziwa njani, kanti futhi u Uma omalume Bangasekho noyise Wengane angasekho, kwenziwanjani, yinkinga engibhekene nayo, futhi mina ngingu nina we ngane, nomfowethu singamalongwe aka hlathshwayo, lapho umama ongizalayo eshadela khona ngo kwe since, kodwa sisebenzisa u vilakazi, isibongo Sabo malume lapho umama ezalwa khona, siza khehla!

  • @mandlachili1527
    @mandlachili1527 2 роки тому

    Bengicela ungicacisele ngenhlawulo nezinkomo ngamagama azo okudingeka zikhishwe uyise ukuze ie ngeuakwayise ngokugcwele

  • @mchunuzenzele8193
    @mchunuzenzele8193 3 роки тому

    Qeda phela ukthwasa ukuze usale sewbhula ngoksemthethweni syabonga Mbanjwa

  • @DingiNqaba
    @DingiNqaba 3 роки тому +3

    Thus is exactly how I explained to my half brother when wayefuna ukuzigodusa, ndamxelela uba kufuneka ecelile kuloMamakhe avunyelwe akhululwe

  • @nursejeaneth866
    @nursejeaneth866 3 роки тому

    Sawubona Mpunga ngicela ukubuza ukuthi nawuphupha kuthiwa kumele uhlalhle indlela kuchazani

  • @Flouw_The_Musician
    @Flouw_The_Musician 3 роки тому

    Ngibonge Kakhulu Ngolwazi Nezincazelo Zenu NiyiMpunga yesintu,

  • @delisilengali6076
    @delisilengali6076 Рік тому

    Heeeeeee Mkhulu 😭 uyazi nakuthiwa into nento ineskhathi sayo 🤞. Ama video akho ngiyawabuka kodwa kungokokqala ngihlangana nalena ...
    Sekuvesane kwaqondana nesbonakaliso engivuke naso ngithethiswa esinye isalukazi sithi kmina angyofuna "umazisi wami"
    Ngali - olume
    Hadebe - la ngizalwa khona
    Pho nakuthiwa angyofuna "umazisi wami", ngizfune ngizazi, ngyobaqalaphi oHadebe ngoba bona abakwenzi okweDlozi 😭😭😭

  • @angiemsomi7332
    @angiemsomi7332 2 роки тому

    Ngaze ngyathanda lekulumo ithinta thina ngqo

  • @lelemnisi5403
    @lelemnisi5403 2 роки тому

    Ngiyabingelela Nami. Manje uhlabelwe kanjani amajuba kobaba bakho ungalungiselelwanga? Kafishane kugcithwe kanjani igazi ungazange ulungiselelwe.

  • @Mzwa7
    @Mzwa7 3 роки тому

    Yaze yajula iMpungaaaaaa. Siyabonga

  • @sbusisokhwela1965
    @sbusisokhwela1965 3 роки тому

    Ayi nyakvuma MfokaMbanjwa ungathi ngihlezi lapho eduze kwakho ubizelwe kulento abakuyeke

  • @nhlakaniphontuli5966
    @nhlakaniphontuli5966 3 роки тому +1

    Ey kunzima ukuba Umlanjwana. Yazi ngavele ngazizwa izinkinga zami ziqala phansi njengoba ngibuka le video.

  • @sandilezondo9312
    @sandilezondo9312 3 роки тому

    Phambili ngomsebenz omuhle Mpungaaaa

  • @SibongileNgcobo-l5o
    @SibongileNgcobo-l5o Рік тому

    Muhle umsebenzi phambili Mpunga

  • @nomathamsanqaduze9288
    @nomathamsanqaduze9288 2 роки тому

    mna Mpunga ndibuhlungu ngoba ndiyasokola yafihlwa lendaba kum.ngoku andimzi kwamma wam nefamily andiyazi but ngoku funeka ndigodukele kulomama.andiyazi noba kuphi baba washona ndeze kanjani

  • @djtwitty8296
    @djtwitty8296 3 роки тому

    Mlpunga!!!!unesipho bafo!!!🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾🙌🏾

  • @ntobekomkontwana7569
    @ntobekomkontwana7569 2 роки тому

    Tata uyicacisa kakuhle siyabonga

  • @mphotsubane3356
    @mphotsubane3356 3 роки тому

    U were on point its like u were speaking to me.im so grateful 🙏

  • @josephmbuyisa4107
    @josephmbuyisa4107 3 роки тому

    Ewuu kuyenyukela Mpungayesintu 🙏

  • @seipatticlericeofficial9112
    @seipatticlericeofficial9112 3 роки тому

    Shayile Mnewethu😍😍

  • @thabanintaba5586
    @thabanintaba5586 2 роки тому

    Ngihambisananawe mapholoba nam okomalume kangcobo

  • @busisiwepeyana3893
    @busisiwepeyana3893 2 роки тому

    Babangiyizwa kahle lenkulumo yangithint ngoba nami ngingomunye owela komalume kodwa manje makhehla engihamba nawongawasekhaya khabo baba futhi kengenzelwa mina imbeleko ngubaba futhi wangenzela nemvuma kufa kodwa kuzakancan ngize ngicabange kuthi ngoba engafuni kungihlawula ngoba sengizamile kukhuluma naye kodwa akavum vele athi akanamali yana semdala

  • @simangalisondlovu1628
    @simangalisondlovu1628 3 роки тому +1

    Kungani ungangeni emanzini ngesibongo zakomalume???

  • @matshabalalaeleki
    @matshabalalaeleki 3 роки тому

    Mpunga ubukhuluma nami nje namhlanje

  • @nkosingiphilengcobo8885
    @nkosingiphilengcobo8885 Рік тому

    Futhi asingaphambanisi sicabange ukuthi ngoba okwenziwa esibongweni esithile noma emzini othile sekufanele kwenziwe kwenye imizi. Umuzi nomuzi unomlando wawo unezinto zawo ezijulile unemikhuba namasiko nesintu sawo. Asingaphambanisi izinkomishi sicabange ukuthi konke okwenziwa laphaya kumele kwenziwe nalapha.

  • @solomzisiko626
    @solomzisiko626 3 роки тому

    Siyabulela mpunga

  • @zamamkhize9367
    @zamamkhize9367 8 місяців тому

    Sibonga waze wasichazela kwacaca kahĺe

  • @luhdakingluh2046
    @luhdakingluh2046 3 роки тому +3

    I hope my ancestors never use me as a Bargaining chip with other ancestors

  • @xolanisotondoshe2124
    @xolanisotondoshe2124 2 роки тому

    Enkosi kakhulu Mkhulu ndyabulela

  • @thobanimabaso2301
    @thobanimabaso2301 3 роки тому

    Makhulu amandla eMpunga kujuliwe kakhulu kwande Mkhulu

  • @philanimsomi4805
    @philanimsomi4805 2 роки тому +2

    Yebo indaba yokuzalwa komuntu ibukeka noma izwakala ijulile. Ngithi Akwe ngibuze nakhu okusalayo. Uma ke umfana ezalelwe ekhaya komalume, wakhulela khona, wathola abantwana, noninawabo ehlala khona komalume ngenxa yokuthi engahlawulwanga. Nakhu ke manje usenweba igceke lakonina lume lapho ezohlala nomndeni akasewakhile. Bese ngelinye ilanga bafike abafowabo bakayise bezogcina izimfanelo zakomalume ekhaya elikhulu lakomalume, nokukhishwa. Leliyagceke elinwetshiwe siyakwazi yini ukushintsha kube esasekhaya kababa na?

  • @ayandasitole3685
    @ayandasitole3685 2 роки тому

    Bafowethu lendaba yesibongo ijule kakhulu kunoMngani wami ofakwa isiphandla sakubo angakhishwanga koMalume uYise omzalayo engahlawulile. Kwaba ibinda ngoba wavele wathelwa amachaphazelo ento angahlangane nakancane nayo amukhalela amasango kasgonyela engazelele ngecala elikuuuuude naye.

  • @bonganimagwa7063
    @bonganimagwa7063 3 роки тому

    Mina ngikhulele ko malume ngaze ngabe neminyaka engu 29 kodwa ngaqala ukusebenzisa isibongo sakubobaba ngina 2 years ubaba engangihlawulanga engenzanga lutho nje,ingabe lokhu kungaba namthelela muni mangivela ngicela omalume uthi bangishweleze usibongweni sakhabo mama ngoba vele ngikhulele till today kobangagcina ngino 5 years kanje.

  • @thobekanimhlongo6317
    @thobekanimhlongo6317 3 роки тому +1

    Bengicela ukubuza ukuthi njengengane yakomalume futhi ngikhulelekhona, ingabe likhona iphutha uma ngivakasha kubo kabala nje for ukubabona njengabantu nabo abaphilayo?