NGIKHULEKA KUWE NKULUNKULU

Поділитися
Вставка
  • Опубліковано 19 кві 2023
  • NGIKHULEKA KUWE NKULUNKULU instrumentals by KWANDA S MAJOLA.
    LYRICS:
    Ngikhuleka kuwe Nkulunkulu
    Wen’ ofihlekile elathini.
    Ngizithoba ngenhliziyo yonke
    Phambi kwakho, Nkosi yobukhosi
    Noma ucashel’ amehlo ami,
    Inhliziyo iyakuzwa nokho,
    Ngikholiwe izwi lakho Jesu,
    Nkulunkulu Mninimandla onke.
    UbuNkulunkulu bakho bodwa
    Babufihlekile onqamlezweni,
    Kepha elathini lucashile
    Lonk’ uqobo lwakho Jesu Nkosi.
    Nokho ngiyakholwa kuwe Jesu,
    Ngikhuleka njengesela lelo,
    Elanqanyulezwa kanye nawe,
    Ngithi ngihuwukele Jesu wami.
    Amanxeba akh’ angiwaboni
    NjengoTomas owakholwa ngawo,
    Kodwa nokho ngiyavum’ ukuthi
    UnguNkulunkul’ iNkosi yami.
    Ake uqinis’ ukholo lwami,
    Uqinise nokuthemba kwami,
    Uvuthel’ enhliziyweni yami
    Elangabi lokuthanda wena.
    E! Sikhumbuziso esingcwele
    Sokuzinikela kukaJesu
    Ehlawul’ ezono zethu zonke,
    Esifela esiphambanweni.
    Sinkwa semiphefumulo yethu,
    Esiphila sephilisa futhi:
    Ngiphilise ngokuphila kwakho,
    Ngize ngiphilele wena wedwa.
    Jes’ owoph’ igazi lonke ngami,
    Ake ungihlanz’ izono zami,
    Ngalo lelogazi lakh’ elihle,
    Elaphum’ enhliziyweni yakho.

КОМЕНТАРІ • 4

  • @dlozela
    @dlozela 8 місяців тому +1

    Amanxeba akh’ angiwaboni
    NjengoTomas owakholwa ngawo,
    Kodwa nokho ngiyavum’ ukuthi
    UnguNkulunkul’ iNkosi yami.
    kodwa Smakade lelihubo liyangibusisa!

  • @thandiwejili3201
    @thandiwejili3201 Рік тому +1

    Ngajabula la kuthiwa kimi masiye endlini yeNkosi, 🙌🙌🙌🙌🙌🙌

  • @kwandasmajola
    @kwandasmajola  5 місяців тому +1

    uyasibusisa ngan yami. qhubekela phambili

  • @noxolonoxolo-xy9uh
    @noxolonoxolo-xy9uh Рік тому +1

    please do ama chorus as well